AMAPHOYISA aseManzimtoti athungatha abasolwa abahlanu abadubule babulala amalunga amane omndeni, eHluhluwe, Ezinhlangeni, eVilegi yaseMfume, okwenzeke ngezintatha sangMsombuluko mhlaka 27 November 2023. Kuvelile ukuthi labasolwa abathungathwa amaphoyisa, badubule babulala amane amalunga omndeni kwalimala elilodwa okukholakala ukuthi lona lidutshulwe ezinyaweni. Kuphinde kwavela ukuthi labasolwa bangene kulomuzi ongagaguliwe bafike badubula ubaba wekhaya oneminyaka engu-64, balandela ngomkakhe ona-60, indodana ena-32 base bedubula nomshana oneminyaka engu-19, bonke laba bebelele egunjini elilodwa elihlukanisiwe ngamakamelo. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni uCol Robert Netshiunda uthe kudutshulwe kwabulawa abantu abane bomndeni kwalimala oyedwa okusolakala ukuthi uyintombi yomunye alamalunga alomndeni. Uthe lowesifazane udutshulwe ezinyaweni. Uqhube wathi enye yamadodana kamufi isinde ngokulambisa ngoba ibilele kwelinye igumbi. Imbangela yokudutshulwa nokubulawa kwalamalunga omndeni ayaziwa, kodwa zikhona izinsolo ezithi inxabano yomndeni kodwa aziqinisekisiwe. Uthe akusikho okokuqala ukwehla kwesigameko sokudutshulwa ngoba ngonyaka ophelile umama wekhaya wadutshulwa ngabantu abangaziwa kodwa uphenyo lusaqhubeka. Kunxuswa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nalesigameko noma ulwazi olungasiza amaphoyisa ophenyweni lawo ukuba axhumane namaphoyisa aseManzimtoti noma ashayele Crime Stop kulezinombolo 0860010111