UBONAKALA uthela izithelo umsebenzi wamaphoyisa aKwaZulu-Natal, ekulwisaneni nokushushumbiswa kwezidakamizwa! Lokhu kulandelwa ukushaqwa kwezidakamizwa echwebeni lase Mobeni ,Ethekwini, ezenani lika R70million, izolo mhlaka 18 October 2023. Kuvelile ukuthi lezi dakamizwa zishaqwe emkhumbini obuqhamuka ezweni lase, Brazil ,e-South America. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol NRM Netshiunda , amaphoyisa ehlangene nawe Directorate for Priority Crime Investigation(DPCI) , alunywe indlebe ukuthi kunomkhumbi olayishe lezidakamizwa zohlobo lwe- cocaine abe esecupha umgoga. “ Amaphoyisa abe eselinda ukuthi lomkhumbi alunywe indlebe ngawo ukuthi uthwele izidakamizwa, kwathi uma lomkhumbi ungakafiki echwebeni, amaphoyisa ebesewulandela,”kusho yena, eqhuba ethi abe esesesha amakhontiyena (search container alleged to be carrying drugs). Uthe emva kokusesha lomkhumbi athole amabhakede ango-20 litha, owopende , abe esewashaqa. “Ngaphakathi kulamabhakede amaphoyisa athole amablokhi angu-200 e-cocaine abiza isamba semali engu-R70 million. Uthe iziphathimandla zamaphoyisa beziholwa uNgqongqoshe wamaphoyisa kuZwelonke , UMnu Bheki Cele ,ophinde wazincoma ngomsebenzi omuhle eziwenzile. Uphinde wancoma ezobunhloli zakuleli ukuthi ziyasebenza ngoba zikwazile ukuthola noma ukuhosha umoya ukuthi kuza umkhumbi onezidakamizwa.Ungqongqoshe uMnu Bheki Cele ukubeke kwacaca ukuthi amaphoyisa ayaqhubeka nokulwisana nokushushumbiswa kwezidakamizwa ezweni. UKhomishana wamaphoyisa kuZwelonke uGenene Fannie Masemola ,uthe bafuna izakhamuzi zibe noncibijane ophephile, kanti futhi amaphoyisa ayaqikelela ukuthi alwisana nezenzo zobugebengu. Uphinde wabonga zonke izinhlaka zamaphoyisa ezibambe iqhaza ukuba kushaqwe lezidakamizwa. Uqhube wathi ngeviki elendlule amaphoyisa ase-Kapa, ashaqe izimpahla zombomboyi noma zomkokotelo ezenani elingu-R75 million. “Sizoqhubeka nomkhankaso wethu wokulwisana nobugebenzu obuhleliwe,”esho. Uthe uphenyo labo manje balibhekise ekutheni bathole ukuthi lezidakamizwa bezisuka kuphi ziya kuphi. Khona izolo ithimba ebiliholwa uNgqongqoshe lihambele umndeni ka-WO Sthembiso Mazibuko , liyobhodla emswaneni, emva kokuba leliphoyisa lidutshulwe labulawa eNtuzuma. “Leliphoyisa bese linesipiliyoni seminyaka engu-17, kanti belisebenza ngaphansi kophiko lwe-National Intervention Unit(NIU), kanti leli thimba aligcinanga lapho ngoba libe selinikela esibhedlela lapho beliyobona liphinde lifisele elinye lamaphoyisa elilimale esigamekweni sokubulawa kuka WO Mazibuko, ngoba balinyazwe besemsebenzini. Uphethe ngokuthi ilanga lomngcwabo ka-WO Mazibuko alikaziwa kodwa umbonge njengeqhawe elifele emsebenzini , livikela umphakathi.