GUGULEKE ibhuloho kwa kwaguguleka izimoto zaphoseka emfuleni ngaseBellspruit , eLadysmith ngobusuku bangoChristmas kwashona abantu abahlanu, kanti abayisithupha basanyamalele. Nkokombiko otholakele lokhu kubangelwe izimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhula ngoba lisaqhubeka nokuna mawala imvula eshubisa umkantsha. “Abezenhlekelele
,abe, Al-Imdaad, IPSS Medical Rescue,kanye ne-SAPS K9 Unit, basebhizi osebeni lomfula bathungatha laba abasanyamalele. Nkokusho kokhulumela uMnyango weZokubusa neZindaba Zomdabu , uMnu Siboniso Mngadi, lokhu kuyinhlekelele kanti futhi kwenzeke emva kwenhlekelele yokuphephuka kwezindlu ezinye zawo kwasala abantu abaningi dengwane ngenxa yenhlekelele. Uqhube wathi lokhu kudalwa isimo sokuguquguquka kwesimo sezulu (climate change). Uthe kumanje sekutakululwe abantu abahlanu kanti abayisithupha basathungathwa ilelithimba eselibalulwe ngenhla. “Lokhu kushiye izindlu ziphephukile ezinye zigcwele amanzi kanti futhi nemigwaqo ilimele kakhulu, “ esho, eqhuba ethi kanti nezindlu kanye nezimoto kumoshakele. Uthe namabhizinisi amaningi amoshakele ngaso isimo salenhlekelele evelile. Uqhube wathi lesigameko senzeke kabi ngenkathi imindeni eminingi ibhizi ilungiselela ukujabulela uKhisimuzi. “ Singumnyango sindlulisa amazwi enduduzo kwimindeni elahlekelwe zihlobo zayo. Abezenhlekelele kanye neminye iminyango basaqhubeka ngokuthungatha lemizimba engakatholakali. Uthe sifisa ukubonga kakhulu laba ababambe iqhaza lokutakula lemizimba nabanye, abaphume ngobuningi babo beyosiza ukuze kutakulwe lemizimba kuphinde kuthungathwe laba abangakatholakali. Abe-South African Weather Service , baphinde bakuqagula ukuthi ziningi izimvula ezihambisana nokuduma ezisalindelekile esiFundazweni, saKwaZulu-Natal, njengoba kuyihlobo. Babe sebexwayisa umphakathi ukuthi uhlale uqaphile futhi ungakhi ngasosebeni lomfula futhi ufudukele ezindaweni eziphezulu ukuze ugweme ukukhukhuleka. Uphethe ngokuthi abezenhlekelele baqaphile ngameso manye futhi sebehleli becophelele kulezindawo noma amadolobha kanye nomasipala abajwayele ukukhahlamezeka ilezikhukhula. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, naye wendlulise amazwi enduduzo emindenini , izihlobo babangani abalahlekelwe zihlobo zawo.