NGUNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka, abafundi, amathishela ngenkathi kusayinwa isivumelwano zokuzibophezela ngokubhala ngokuthembeka
UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, abafundi nothisha basayine isivumelwano sokuzibophezela ekubhaleni izivivinyo zabo zika-matric ngokwethembeka ngokungazibandakanyi ezenzweni zokukopela.
Lokhu kuzibophezela phakathi kwabafundi kwenzeke esikoleni samabanga aphezulu i-Siyamukela High, eMadadeni, eNewcastle, ngoLwesihlanu.
Enkulumeni yakhe uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka, uthe kubalulekile ukuthi abafundi bazilungiselele izivivinyo zabo zokuphela konyaka zika-matric, baphokophele phambili ukuze baphase ngamalengiso.
“Imfundo ibalulekile kakhulu, okufanele nikwenze ukuthi niyibambe ngezandla zombili, niyibambise okwezikhali zamaNtungwa. Othisha bayidlalile indima yabo kusukela kuqala unyaka, ngamaholide nangezimpelasonto, manje sekusele kinina ukuthi nenze kahle. Bhalani ngokwethembeka, nisitholile isikhathi eside sokubukeza enikufundisiwe,” kusho uMnuz Hlomuka.
Lo mbuthano wokusayinwa kwesivumelwano bewuhanjelwe ngoyiNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz G.N. Ngcobo, nothishanhloko bezikole ezahlukene.
UMnuz Ngcobo unxuse abafundi ukuthi baziphathe kahle, bangenzi okuphambene nokubhalwa kwezivivinyo, wabe esebafisela impumelelo ekubhaleni kwabo izivivinyo, eziqala ngoMsombuluko ka-Okthoba 21, ngephepha le-English P3 phecelezi uPaper 3.