BEKUNJE emarenkeni ngenxa yezimvula ezinamandla.Isithombe.LANGELIHLE CHAGWE
UMASIPALA wesiFunda Amajuba ubambisane nowaseNewcastle sebekhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuthi abezezinhlekelele basiqaphile isimo ,lokhu kulandelwa ukuhlasela kwezimvula ezinamandla kulesiFunda Amajuba kanye nasesiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Abezokuxhumana eMajuba sebekhiphe isitatimende esithi abezezinhlekelele basiqaphe ngeloKhozi isimo kuzindawo ezikhahlamezwe zikhukhula.
“Lezimvula ezinamandla ziphoqe ukuba kuvalwe amarenke amabhasi kanye nawamatekisi njengoba abehlaselwe zikhukhula,” kusho abezokuxhumana.
Bathe abazezinhlekelele basiqaphile isimo futhi bazosiza lapho okumele basize khona uma kukhona isidingo sokusiza.
Baphethe ngokuthi esitatimendeni akukabikwa zigameko zokumuka noma zabandlule emhlabeni esiFundeni Amajuba.