AMAKHULU onobhala bamakhosi KwaZulu-Natal, bagixabezwe ngezinsizakusebenza nguNgqongqosgwe wezokuBusa nokuBambisana nezoMdabu, UNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ngelendlule. Lokhu kugixabezwa ngezinsiza kuvule ikhasi elisha kulabonobhala bamakhosi nezinduna, ukuze benze umsebenzi wabo ngokukhulu ubuyonincwa. Uthe bangaphezu kuka-300 onobhala abahlangane e-Ladysmith lapho befike banikezwa khona okokubhala (stationary),izinsiza (tools), izitifiketi kanye namalaptop, ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo wokuba ngonobhala bamakhosi ube lule futhi usheshe. Uthe bagixabezwe ngamalaptop kanye namarouters kanye nokokubhalela. “ Ngalezinsiza esininika zona senzela ukuthi umsebenzi wenu wenzeke ngokushesha nangobuyoninncwa ukuze kusizakale amakhosi izinduna kanye nomphakathi, kanye nokuhlanganisa umsebenzi womnyango ngesikhathi,” esho. Uthe onobhala bayizinjini zemikhandlu yamakhosi, ngoba amacala eze emakhosini afikela kubo kanye nemiyalezo yamakhosi evela emnyangweni ithunyelwa kubo yingakho kubalulekile ukuthi bathole zonke izinsiza ezizokwenza ukuba umsebenzi wabo ukuba bawenze ngokushesha futhi kalula. Uqhube wathi okunye okungumsebenzi omkhulu owenziwa wonobhala ukugcina amarekhodi (keep proper records) , ukubamba imihlangana yaminyaka yonke nemiphakathi bawubikele ngezimali ezingenayo neziphumayo emakhosini. Uthe sininikezela ngalamathuluzi ngoba sifisa ukuthi imikhandlu yamakhosi iphenduke ibe wusizo ezinduneni nasemakhosini ukuze bathole amadokhumente abalulekile , kanye nokuthola imilayezo ephuthumayo kusetshenziswa lamathuluzi. Uqhube wathi uMnyango ufisa ukufaka Wi-Fi network, ukuze kusizakale umphakathi owakhele noma ngabe imuphi umkhandlu wenkosi, ukuze bathole ulwazi. Uphinde wanxusa onobhala ukuba basebenze ngokukhulu ukuzikhandla kanye nokuzimisela. “ Thina njengomnyango sihlale sinombono othi kumele kuphuculwe ukusebenza kwendlu yezomdabu kanye nobuholi bayo, kanti ngalamathuluzi esiwandlulisela kini namuhla kuzokwenzeka futhi sibuyisa isithunzi sonobhala,” kusho uNkk Sithole-Moloi.. Uqhube wathi abanye benu baqala lomsebenzi bengamavolontiya bengatholi ngisho indibilishi, kancane kancane kwaba khona uchatha. Uhulumeni uzimisele kakhulu ngokuneseka ngayo yonke indlela, ukuze isithunzi senu nesobuholi bendabuko singadicileleki phansi, kanti okunye sikwenzela ukuthi ubuholi bendabuko sibulethe emphakathini. USihlalo woNobhala KwaZulu-natal, uNkk Nonhlanzeko Dlamini-Mkhize, uthe kusijabulise kakhulu lokhu okwenzeka namuhla , ukuthola lolusizo olungaka. Sijabulile ngokuzibophezela kukahulumeni ukuthi aphucule nemiholo yethu aphinde asigixabeze ngezinsiza lokhu okwakudala sikulwela futhi sikulindile. Manje sizizwa sigqugquzekile ukuthi sesizowenza umsebenzi wethi ngokukhulu ukuzimisela kunakuqala ngoba, siyabona ukuthi uhulumeni uyasinakelela ngendlela akhombise ukuseseka ngakho, siyabonga kakhulu.