UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usehlele umhlangano ophuthumayo namakhosi asesiFundeni i-Harry Gwala ngenhloso yokuzoxoxa ngezinkinga ezithinta ubuholi bomdabu nabantu abahlala ezindaweni zasemakhaya.
Lo mhlangano ulandela isinqumo esithathwe ngubuholi bukazwelonke obahlonza uMasipala i-Harry Gwala njengendawo yenhlekelele okudalwa ukusabalala kokudla osekudlulelwe yisikhathi nobuthi, osekuhlasele izakhamizi eziningi zaku lendawo okuzishiye zigula zaphuthunyiswa nasezibhedlela.
Okhulumela lomnyango, uMnuz Zenzelwe Mzila, uthe: “UNgqongqoshe uMfu Buthelezi uzokuqinisekisa ukuthi imithetho-mgomo eshayiwe ukuthi ilawule uMasipala wesiFunda i-Harry Gwala iyalandelwa yini.
“Lokhu kulandela ukuthi uNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ahlonza lo masipala njengokhungethwe inhlekelele, wabe esegazetha lokhu ngaphansi komthetho omusha wokulandela imithetho mgomo obizwa nge-Standard Draft By-Law for Township Economies, okuhloswe ngawo ukuthi umnotho womasipala uyathuthukiswa kuphinde kubhekwe ukuthi ukudla okudayiselwa izakhamizi kuhlanzekile futhi kuphephile.
“Lolu hlelo luzolekelela kakhulu abasebenzi bezempilo abasebenza komasipala nowesifunda (i-Harry Gwala) ukuze kuqikelelwe ukuthi bathola ukudla okungenabuthi nokuphephile,” kusho uMnuz Mzila. Umhlangano unamuhla ngoLwesihlanu emahhovisi kaMasipala wesiFunda i-Harry Gwala, eXo