UMKHANKASO wamaphoyisa wokulwisana nezibhamu ezingekho uthele izithelo eMzinyathi,eDundee, eNyakatho,neKwaZulu-Natal, kanti futhi lomkhankaso wawo athe aqonde ukuthi abantu bahlale kahle futhi baphephe ngalesikhathi wonke umuntu ebuyela ukuzohlala nomndeni wakhe ngesikhathi samaholide. Okhulumel amaphoyisa akulendawo , uConst Siyabonga Nkwanyana, uthe kulomkhankaso wawo wezinsuku ezimbili babophe abantu ababili abeneminyaka engu-29 nengu-51 , emva kokuba bebathole nezibhamu ezingekho emthethweni, eGreytowm ngenkathi bevima abantu babakhuthuze ukuze babone ukuthi abaphethe yini izibhamu ezingekho emthethweni. Uthe simise imot sathi uma siyisesha sathola isibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwepistol, sabe sesibopha umslolwa. Uqhube wathi kwesinye isigameko esenzeke eNgome balandele umkhondo womuntu obesolwa ngecala lokubulala , babe sebe gasela emzini wakhe lapho befike bathola umsolwa otholakele nesibhamu sohlobo lwe-303, esingumjojantaba. Uthe amaphoyisa aseGlencoe ohlobo lwe K9 Unit athole izibhamu eziningi eHelpmekaar ehambisana kanye noMgungundlovu District Task Team., Ematimatolo. Uqhube wathi bazoqinisekisa ukuthi abantu baphephile ngalamoaholide. Uqhube wathi kwesinye isigameko esithi masifuze lesi babophe abasolwa ababili oneminyaka engu-38 nengu-45 bephethe izibhamu ezintathu kanye nezinhlamvu emva kokubasola ngokuthi bebenenhloso yokubamba inkuzi. Uthe amaphoyisa abehamba endaweni yaseMbangweni engaphansi komsinga lapho bekhuthuze abasolwa ababili eceleni komgwaqo lapho befike bathola umsolwa nesibhamu sohlobo lwepistol kanye esinye esinye basithole silahliwe singenamnikazi khona ngasemgwaqeni. Uphethe ngokuthi labasolwa ababili bazovela eNkantolo yaseMsinga maduzane bebhekene nawo amacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye neiznhlamvu. Uphethe ngokuthi bazoqhubeka bathungathe izibhamu ezingekho emthethweni lezi okubanjwa ngazo inkunzi kuphinde kubulawe ngazo abantu abangenacala.