UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usencome amaphoyisa ngemuva kokuba ebophe uMntwana Lungalomndeni Zulu noMnuz Richard Malinga, abasolwa ngokubandakanyeka ekwebiweni kwezigidi zamarandi yezokumbiwa eRichards Bay Minerals (RBM).
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uMfu Buthelezi uthe uZulu noMalinga bebeyingxenye yeqembu lomshoshaphansi ebeleba ezokumbiwa ezingabiza izigidigidi zamarandi e-Richards bay Minerals (RBM).
Wathi ukuboshwa kwabo kukhombisa ngokusobala ukuthi abezomthetho basebenza ngokukhulu ukuzimisela ekulwisanen nobugebengu obuhleliwe.
“Amaphoyisa azijikile izinto emva kokuba kuboshwe labongqondongqondo beqembu lezomshoshaphansi ebelimatasa licekela phansi izimpilo zabantu ngokuletha ububha emiphakathini eyakhele lendawo, ngokuntshontsha okuligugu kuwona.
Siyakwamukela futhi sithi ncinci kamjoli ngokuboshwa kwalaba ababili abebethunaza umnotho waku lendawo nowesifundazwe iKwaZulu-Natal. Lokhu kuzothumela umlayezo wokuthi i-KwaZulu-Natal ayinayo indawo yezigebengu futhi ziyaboshwa zithunyelwe ezinkantolo.
Lokhu kuyabonisa ukuthi ingalo yomthetho yinde kakhulu ikuthola ungasazelele,” kusho uMfu Buthelezi.
Uqhube wathi kuyakhathaza ukuthi umuntu ohlonishwayo njengoMntwana uLungalomndeni kube nguyena ocekela phansi umnotho wesifundazwe ehambisana neqembu lakhe lomshoshaphansi.
Ube esencoma kakhulu umbutho wamaphoyisa i-South African Police Services (SAPS), nabe National Prosecuting Authority (NPA), ngokwenza umsebenzi omkhulu wokubopha leli qembu lomshoshaphansi.