SEKUPHINDE kwandlula emhlabeni abantu abathathu ngenxa yezikhukhula ezifundeni ezintathu. Kuvelile ukuthi kukhahlamezeke iziFunda okuyi-Harry Gwala, Umgungundlovu kanye noMzinyathi, ngenkathi kuhlasela izimvula ezinamandla ngoLwesihlanu olwendlule. “ Endaweni ebizwa ngeThelaphi,eDundee, ngaphansi kukaMasipala wesiFunda Umzinyathi,, eNyakatho, neKwaZulu-Natal, kushone umuntu wesilisa emva kokuba imoto yakhe igugulwe yizikhukhula ngenkathi ibizama ukuwela ibhuloho. “EMzimkhulu ngaphansi kweHarry Gwala, izikhukhula zigugule imoto ebizama ukuwela ibhuloho i-Cabhani, ebekukhona kuyo umshayeli kanye noseceleni kwakhe, kanti imoto itholakele kanti nezidumbu ezimbili zitholwe abezenhlekelele kanye nabezimo eziphuthumayo, usho kanje esitatimendeni, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Siboniso Mngadi. Uqhube wathi eWillowfontein, ngaphansi kwesiFunda uMgungundlovu, ePietermaritzburg, imvula enamandla icekele phansi isakhiwo kwalimala izingane kanzima. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wendlulise amazwi enduduzo emindenini ehanjelwe zihlobo zawo, wabe esnxusa umphakathi wathi uhlale umehlomane ngoba lezimvula zisaqhubeka kwazise ukuthi kuseseyihlobo. Uqhube wathi bewumnyango bakhathazekile kakhulu ngoba kusaqhubeka ukuba abantu baluze izimpilo zabo, ngendlela ebingagwemeka. “ Siyaphinda sinxusa abahamba ngezimto kanye nabahamba ngezinyawo ukuthi bayakuqinisekisa ukuthi bayakugwema ukuwela imvula edla izndwani futhi nengenisayo ngoba kuyingozi,” elanda. Uthe imifula igcwele kwazise lisaqhubeka ngokunina ezinxenyeni eziningi esifundazweni. “ Uma nifika emabhulohweni nibona ukuthi amanzi ahamba phezu kwalo musani ukuzama ukuwela lindane amanzi aze abohle ngoba nisuke ningazi noma lisekhona ibhuloho noma alisekho,” esho. Uthe singakugwema ukulahleka kwemiphefumulo, ngokungabeki izimpilo zethu encupheni sibe sibone isimo sezulu ukuthi asisihle kulezinsuku. Uqhube wathi abezezinhlekelele behambisana nabezimo eziphuthumayo bayaqhubeka ngokuhlola umonakalo kulabomasipala abakhahlazamekile, ngokubambisana nayo yonke iminyango kahulumeni eyahlukahlukene. Uphethe ngokuthi nanxa kusalindeleke izimvula ezinamandla abantu mabakuqinisekise ukuthi bahlezi ezindaweni eziphephile ezingenabungozi uma kuhlasela izikhukhula.