EKUQINISEKISENI ukuthi uhulumeni uhambisa izidingo zabantu kanye nokuvula amathuba omsebenzi, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ngolwesihlanu uzokwethula amaprojekti azodla isamba esuwu-R20million, ngaphansi kukaMasipala Umshwathi.Kuvelile ukuthi ngaphambi kokuba ungqongqoshe athula lomaprojekti , uzovula ngokusemthethweni isikhungo esidle izigidi zamarandi.Kupuinde kwavela ukuthi uzobe evula ngokusemthethweni amahhovisi abevele edingeka kakhulu emphakathini ongaphansi ko-Umshwathi kanye nezindawo ezingomakhelwane. “ Lamahhovisi azobe eneminyango kahulumeni ehlukahlukene futhi okuyiyona ebalulekile emohakathini efana nowe-Labour SASSA, IEC, and the Umgungundlovu District Municipality,” kusho uMnu Siboniso Mngadi, esitatimendeni. Kuphinde kwavela ukuthi ungqongqoshe Sithole-Moloi , uzovula indawo yamakhono (skills centre) kanye nomgwaqo owakhiwe kabusha , futhi osuphelile ukulungiswa, konke lokhu kwakhiwa ngaphansi kohlelo lwe- Municipal Infrastructure Grant funding. “ Kpophinde kuvulwe Cool Air Skills Centre, eyinxenye kahulumeni yokuthuthukiswa kwamakhono okuhloswe ngakho ukwakha amakhono ashodayo emphakathini. Ngaphandle kwalokhu osekubalulwe ngenhla ungqongqoshe uzophinde avule ngokusemthethweni i-Nazo Road , okungumgwaqo wetiyela, kanye nokubhalwa kwemigwaqo ngolayini okubalwa kuyo nendawo zokundlulisa manzi.
Usuku: 05 April 2025
Indawo: uMshwathi Sports Field
Isikhathi: 09:00