IZIBHAMU ezishaqwe kumsolwa ngenkathi eboshwa eMsinga
UKUTSHALWA kwamaphoyisa oPhiko lohlobo lwe-National Intervention Operation Deployment esiFundazweni KwaZulu-Natal, kubonakala kuthela izithelo ezinhle. Lokhu kulandelwa imikhankaso eminingi eyenziwe iloluphiko oselubalulwe ngenhla ngoba lulibe lutshaliwe kulesiFundazwe selishaqe izibhamu eziningi ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu , okubekza izimpilo zezakhamuzi engozini , kanti ezinye zazo kukholakala ukuthi kubanjwa ngazo inkunzi kuhlonyiwe. Kuvelile ukuthi indawo yasemsinga iyona enezigameko eziningi zokubulawa kwabantu futhi enezibhamu eziningi ezingekho emthethweni kanye nezokuzikhandela. Kuphinde kwavela ukuthi ukutshalwa kwaloluphiko kuhloswe ngako ukuqeda noma ukunciphisa ukubulawa kwabantu esifundazweni kuphinde kukhucululwe izibhamu ezingekho emthethweni ezisezandleni zabantu. Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba bekubhekwe okhethweni bekunokwesabela ukuthi kungase kuqubuke udlame kulesifundazwe yingakho kwabe sekutshalwa loluhlobo lwamaphoyisa. “ Izolo mhlaka 6 june 2024, amaphoyisa asebalulwe ngenhla abehamba eqhuba wona umkhankaso wawo wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni, abe eseya endaweni yasesi Esdakeni ,eMsinga, lapho efike abopha khona umsolwa wesifazane oneminyaka ewu-25, emva kokuba etholakele nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabongwa Nkwanyana uthe kuboshwe umsolwa wesifazane oneminyaka ewu-25, emva kokuba etholakale nezibhambu zohlobo lwe-AK47 , shotgun kanye nezinhlkamvu eziwu-105. Uthe lona wesifazane uzovela maduzane eNkantolo kaMansthi waseMsinga ebhekene necala lokutholakala nezibhamu ezimbili eziwumjojantaba ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti lezibhamu zizohamba ziyohlolwa ukuthi azikaze yini zimbandakanyeke ebugebengwini.