Saturday, July 5, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Kuqashwe abawu-350, kowokulwisana nokugxagxaza kwamanzi

by Langelihle Chagwe
May 24, 2024
in Community
Reading Time: 2 mins read
A A
0
Luyaqhubeka uhlelo lokuqeqesha intsha ngamakhono kuWadi-32
Share on FacebookShare on Twitter
ADVERTISEMENT

NGABAQASHELWE ukuqikelela ukuthi amanzi awagxaxgazi noma awavuzi emapayipini

EKULWISANENI nokuvuza kwamanzi , aphinde amasheke, aphakela izakhamuzi , kuqashwe abantu abawu-350, ngaphansi kohlelo lwe-Expanded Public Works Programme (EPWP). UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi , ukuvezile ukuthi laba abaqashiwe ngaphansi kwaloluhlelo baqashelwe ukulwisana nokuvuza kwamanzi agcina ngokumosheka kanti ngawo kusuke kuhloswe ukuthi aphakele izakhamuzi kodwa agcine engafikanga ngenxa yokuvuza kwamapayipi. Kuvelile ukuthi kunezinselelo eziningi emphakathini ezidalwa ukugxagxaza kwamansi bese egcina engafinyelelanga emiphakathini. UNgoqongqoshe Sithole-Moloi, wethule lolu hlelo lokulwisana nalenselelo e-Lindelani, KwaDukuza, eNyakatho naseGwini. Kuphinde kwavela ukuthi kusayindwe incwadi yesivumelwano nomasipala (Memorandum of Understanding),MOU, ukuthi kulungiswa indaba yokugxagxaza kwamanzi. “ Labantu abaqashiwe abawu-350, bazosebenza ngaphansi komasipala abahlukene abawu-5, kanti futhi bazosebenza inkontileka yezinyanga eziwu-12, futhi baqale ukuqala kwalenyanga ephezulu, May 2024,” esho. Uqhube wathi omasipala abazosebenza ngaphansi kwabo ilaba,Thekwini Metro, Ilembe District, Uthukela District, Umzinyathi District kanye no-Ugu District.  Uthe kwabaqashiwe kukhona kubo ama athizeni (artisans) kanye nama egenti (water agents), abazosebenzisana nalaba abe EPWP, ekuvaleni amapayipi avuzayo. “ Ama athizeni wona azogxila kakhulu ezindaweni ezifana nase Umlazi , eThekwini, Gamalakhe,ePortshepstone,EZakheni,eLadysmith, Sibongile, eDundee kanye nase Lindelani KwaDukuza. Ngenkathi ethula lolu hlelo ungqongqoshe osebalulwe ngenhla ubehambisana neMeya yesiFunda Ilembe , uKhansela Thobani Shandu, lapho efike wanikelela mgamathuluzi amakhono , amathuluzi okusebenza kanye nezingubo zokuzivikela  (personal protective equipment), kubo bonke abaqashelwe ukuqhuba lomsebenzi. Ethula inkulumo yakhe uthe ukuqashwa kwabantu abazolwisana nokuvuza kwamanzi kuncike kakhulu ezincelelweni ezidlangile zokushoda kwamanzi. “ Lokhu kuphinde kuhloswe ngakho ekungeneleleni nokulwisana kokushoda kwamanzi ezakhamuzini,” esho. Uqhube wathi kumosheka amabhiliyoni amarandi lapha esifundazweni ngokumosheka kwamanzi ngokuvuza.Uthe siqale ukwenza lol hlelo kulabomasipala abawu-5 , asebebalulwe ngenhla ngoba kuyibona abadinga usizo oluphuthumayo futhi okubonakalayo ukuthi kubona maningi amanzi amoshakalayo. Uqhube wathi bajabulile kakhulu ngoba lolu hlelo lwabo ludale amathuba omsebenzi amaningi, nabawatholile sebezokwazi ukuxosha ikati eziko. Uthe banethemba elikhulu lokuthi loluhlelo  luzoqinisekisa ukuthi ayahanjiswa amanzi komasipala futhi kuyanqandeka nokumosheka kwawo okungenasidingo. Uthe omasipala kumele basayinise ama athizeni izinkontileka abazolwisana nokuvalwa kwamapayipi avuzayo. Uthe banesiqiniseko sokuthi lolu hlelo bazolundlulisela nakwabanye omasipala maduzane. Uphethe ngokunxusa izakhamuzi ukuba zizibike izigameko zokuvuza kwamanzi emiphakathini abahlala kuyona ukuze kunqandeke ukumoshakala kwamanzi okungenasidingo, waphinde waxwayisa labo abaxhuma amapayipi ngokungemthetho ukuba bakuyeke lokho futhi nomphakathi awuzibike izigameko ezifana nalezi.

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Uhulumeni uqwashisa izakhamizi ngokulala nezimbawula

by Langelihle Chagwe
July 3, 2025
0
3

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usekhiphe isexwayiso sokuthi izakhamizi aziqikelele ukuthi azilali nezimbawula njengoba kuyisizini yasebusika...

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

Ilahlisa ithemba ngendlela imfundo yethu ehleleke ngayo

by Langelihle Chagwe
July 1, 2025
0
3

NGU- DOKOTELA VUSI SHONGWE AMATHEMBA okuthi sogcina siyizuzile inkululeko ephelele ezweni lethu ancipha nsukuzonke. Umonakalo owadalwa izinhloso zobaba wobandlululo uDokotela...

Wemukele ubizo lwabadala lokusiza abantu owesifazane wase Springbok, eDannhauser

Isikole samabanga aphansi Ingwe zizidlele amahlanga emculweni wamakwaya, eNewcastle

by Langelihle Chagwe
June 21, 2025
0
3

NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki...

Wemukele ubizo lwabadala lokusiza abantu owesifazane wase Springbok, eDannhauser

Wemukele ubizo lwabadala lokusiza abantu owesifazane wase Springbok, eDannhauser

by Langelihle Chagwe
June 21, 2025
0
3

IQEMBU lebhendi i-Mfundweni St Johns Band. Kwesinye nguNksz Zibuyile Vilakazi obemukela ubizo. Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE UBUNANDISWA yiqembu lebhendi yeSekethe i-Mfundweni...

Kuboshwe umsolwa kwashaqwa izomoto ezimbili, eGreytown

Lugujwe ngempumelelo usuku lwabaphila nebala elimhlophe,eLister

by Langelihle Chagwe
June 18, 2025
0
3

KUNGENKATHI kugujwa usuku lwabaphila nebala elimhlophe eSizamokuhle. Izithombe.ZITHUNYELWE LUGUJWE ngempumelelo usuku lokuqwashisa abantu  ngabaphila nebala elimhlophe (International Albinism Awareness Day),...

Bekusindwe ngobethole kugcotshwa Inkosi yakwaSithebe , eKilkeel

Bekusindwe ngobethole kugcotshwa Inkosi yakwaSithebe , eKilkeel

by Langelihle Chagwe
June 15, 2025
0
3

NGUMANGALISO SITHEBE, Inkosi Ephraim Sithebe kanye nomfowabo weNkosi uMuzikayifani Sithebe. Kwesinye ngamabutho ngenkathi ehlaba inkomo. Kwesinye uMangaliso Sithebe, Inkosi Sithebe...

Recommended

Umndeni ucela ukufuniswa umfundi oduke kuvulwa izikole

Umndeni ucela ukufuniswa umfundi oduke kuvulwa izikole

1 year ago
3
Ixoxwa ngezithombe eyokukhulekela ubuholi be-MK eMajuba

Ixoxwa ngezithombe eyokukhulekela ubuholi be-MK eMajuba

5 months ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}