UMNDENI WakwaNtshethe ucela ongaba nolwazi ngelunga lomndeni walo uLindokuhle Ntshethe odukile, wangabuya ekhaya ngenkathi ebebuya esikoleni. Kuvelile ukuthi uLindokuhle ubephuma esikoleni i-Sydenham Primary School ngenkathi egibela itekisi erongi, ngezintuba zehora lokuqala emini izolo kwazise phela bekungusuku lokuqala kuvulwa izikole kuzwelonke. Ngesitatimende esithunyelwe umnyango wezemfundo KwaZulu-Natal, uLindokuhle uhlala kuKennedy Road. ” Umama wakhe uyile ukuyobika ngokulahleka kwakhe esiteshini samaphoyisa i-Sydenham kanye naseMayville kanye nasesiteshini i-Cator Manor, ngoba engaziwa ukuthi uphi. Amaphoyisa abe esenxusa noma ngabe ngubani ongaba nolwazi ngalomfanyana ukuba ashayele amaphoyisa aseSydenham noma ashayele umama wakhe kulezinombolo 0614511192 noma kuSydenham 031 2032707.
Isikole samabanga aphansi Ingwe zizidlele amahlanga emculweni wamakwaya, eNewcastle
NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki...