IZINTO ezitholakale kuboshwa abasolwa. Izithombe. Zithunyelwe
KUBOSHWE umsolwa , kwashaqwa isibhamu esingekho emthethweni kanye nezidakamizwa. Kuvelile ukuthi amaphoyisa okubalwa kuwo awophiko Umzinyathi Vispol, Detectives kanye neGlencoe K9, uhlelo lwabo lokulwisana nobugebengu kanye nezidakamizwa lube impumelelo. Lolu hlelo baluqale mhlaka 2 November 2023, endaweni yaseNhlanhleni kanti luthele izithelo ezinhle ngoba khona ababoshiwe kwashaqwa isibhamu esisodwa , kwatholakala i-Whoonga kanye nezinye izidakamizwa. Okhulumela amaphoyisa ngaphansi kwesiFunda Umzinyathi, uConst Siyabonga Nkwanyana, uthe behambisana nalezinhlaka esezibalulwe ngenhla bakwazile ukuvala , izindawo ezintathu ebezidayisa utshwala ngaphandle kwezimvume futhi engekho namaphepha abagunyazayo ukuba bahwebe ngotshwala. NgoLwesihlanu kuboshwe umsolwa oyedwa e-Greytown, emva kokuba etholakale nezitrow zewhoonga kanye nomthunzi wezinkukhu. Uthe eNquthu baphinde babopha umuntu oyedwa ngecala lokubulala , elokuzama ukubulala kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.” Bonke laba ababoshiwe bavelile enkantolo kaMantshi yase-Greytown kanye naseNquthu, bebhekene nawo lamacala asebalulwe ngenhla kanti nophenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.