UMASIPALA wesiFunda Amajuba , wonge imali engu-R3.5million ngokuhoxa emiqhudelwaneni wemidlalo ehlukahlukene yomasipala beziFunda eyaziwa ngama-SALGA Games, ka-2023. Lemi qhudelwane yomasipala asebebalulwe ngenhla idlalwa minyaka yonke yiziFunda zaKwaZulu-Natal, ngoba kulonyaka bekumele ibe kuMkhandlu wesiFunda i-King Cetshwayo, ngoba nyakenye yayibanjelwe kuso isiFunda Amajuba. Kuvelile ukuthi ukuzimbandakanya kwalesifunda esesibalulwe ngenhla bekuzodla imali engu-R3.5million, yanakhokhi ntela, ebekuyimali ebizosetshenziselwa ukukhokhela abantu abangu-450 , abazobe bebambe igqaza kulemiqhudelwano, kube eyabaqeqeshi kanye nabanye abebezobe bencedisa abaqeqeshi ababizwa nge-Technical staff. Kuphinde kwavela ukuthi kule mali esibalulwe ngenhla ibingakafakwa eyalabo abebe zohlungelwa ukuba iqembu noma amaqembu abezomela isifunda kulemidlalo. Lemi dlalo bekufanele ngabe iqale kusukela mhlaka 7 kuya ku-10 December 2023. ‘ Ukuhoxa kwethu kusize kakhulu ngokonga le mali engaka ebizomosheka kodwa sibe sibhekene nengwadla yokuntuleka kwamanzi esifundeni,” kusho uMeya uMntwana Ndabuko Zulu,eqhuba ethi sithathe lesi nqumo sokuba sihoxe kulemidlalo ngoba umasipala ukhungethwe zinkinga zezezimali kanti okunye sibone ukuthi sibeke phambili ukusa izidingo nqangi kubantu baseMajuba abakhungethwe ukungahlinzekwa kwamanzi kanye nokuntula imisebenzi. Uqhube wathi umasipala uyaxhumana kakhulu noMngcinimafa wesiFundazwe kanye nokaZwelonke, kulibe kuqale isabelo mali sakulonyaka, ukuze kulungiswe isimo noma uzinzo lwe zimali olungekho kulomasipala, kanye nokulungisa amaphutha okusebenzisa budedengu kwezimali. Uthe ngenxa yokuntuleka kwezezimali umasipala usuqhamuke namasu, namagqinga ,okubeka phambili ukuhambisa izidingo zomphakathi kanye nokunciphisa izindleko uma kusetshenziswa izimali. “ Siphokophele kakhulu ekuphuculeni ukulethwa kwamansi nokuthuthwa kwendle emphakathini,” esho. Uthe bazizwa bedumele ngokungabi yingxenye yale miqhudelwane kodwa wathembisa ukuthi makuba khona uzinzo kweze zimali bazoqhubeka babe yingxenye yale miqhudelwano. Uqhube wathi miningi imizamo eyenziwe ukuze labo abekumele babe yingxenye yale miqhudelwane ,ukuba bahambe kodwa iphunzile ngoba ababatholanga abxhasi abebathembile. “ Okwethu, okwamanje okumele sikwenze ukulungisa amaphutha enziwa yilabo ababephethe lomasipala nathi singaqhubekeli phambili simoshe noma sense amaphutha afanayo. “ Okwethu akufanele silibe sigxeka laba bangaphambilini ababephethe kodwa kumele silungise amaphutha, ngoba nathi uma sisazoqhubeka senza amaphutha kwezezimali, sizogcina singalutholi uxhaso (grants), kanye nemali ekhishwa nguhulumeni yokulekelela omasipala (equitable share). Uqhube wathi okwethu ukubeka imali eceleni ukuze sikhokhele inhlangano esilethela amanzi Uthukela Water. “ Kusemqoka kakhulu kithi njengomkhandlu ukuba sinciphise izikweletu, ukuze sigcine umasipala unozinzo kweze zimali.,” esho. Uqhube wathi kumele sifunde ukuthi kukhona izinto ezingabalulekile esingaziziba, ukuze sakhe umnotho kamasipala onozinzo. Uthe ukuhoxa kule miqhudelwano yamaSALGA Games akusho ukuthi sibukela phansi ezemidlalo kodwa siphoqwe isimo se zezimali, kanti nabathandi bezemidlalo sicela bangadikibali,ngoba isimo seze zimali esenze lokhu ukuba sihoxe. Uthe isinqumo esithathwe ngamakhansela wukuthi kumele kusetshenziswane nezinhlaka zezemidlalo ukuze zizame indlela yokuhlela imidlalo khona esifundeni ukuze kube nemiqhudelwano. Uphethe ngokuthi bengamakhansela nomasipala bayaxolisa kakhulu ngokwenzekile.