KUNGENKATHI kwethulwa inkontileka ezofakela ugesi kwizakhamuzi eziwu-300 eVryheid, kukhona ungqongqoshe , izakhamuzi nethimba lakhe.
KWETHULWE inkontileka ezofakela ugesi ezakhamuzini eziwu-300 endaweni yaKwaJimane, ngaphandle kwase Vryheid eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngesonto mhlaka 19 may 2024. UNgqongqoshe womnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ethula lenkontileka uthe lenkontileka kulindeleke ukuba iphothule lomsebenzi wokufakelwa kukagesi ezinyangeni eziyisithupha ezizayo. Uthe loluhlelo lokufakelwa kukagesi lenziwa nguhulumeni ngenhloso yokuhambisa izidingo kubantu emiphakathini ikakhulukazi lena esemakhaya engakaze ikubone ukukhanya. Kuvelile ukuthi ungqongqoshe uphinde wanikezela ngamathangi amanzi awu-15, kwizakhamuzi zakulendawo yaKwaJimane ekuqinisekiseni ukuthi bathola amanzi ahlanzekile. Uqhube wathi kubekwe imali ewu-R20million, ukuqhuba lomsebenzi wokufakelwa kukagesi kwizakhamuzi zakulendawo esibalulwe ngenhla kanti bafuna ukuqinisekisa ukuthi ngo-February 2026 kobe sekukhanya kulendawo. Uthe kudaleke namathuba omsebenzi ngenkathi kuzothulwa lenkontileka. Ethula lenkontileka uthe uhulumeni uzibophezele ekutheni umphakathi uyathuthukiswa futhi kuhanjiswa inqalasizinda emphakathini. Uthe ngaphansi kohlelo lomnyango i-National Electrification Programme (INEP) kanye ne-Municipal Infrastructure Grants (MIG), bazoqhubeka bakhanyisele umphakathi, njengoba imiphakathi yethu ikhula njalo njalo. Uqhube wathi babone kunesidingo esikhulu sokuhambisa amathangi amanzi emiphakathini ngoba lezakhamuzi iningi lazo liyafika kulendawo, kanti futhi ezinye zalezindawo bekungamapulazi, kanti abahlomulile abasezigcemeni noma amawadi amabili okuwu wadi-2 kanye nowadi-12. Uthe inkontileka siyinqumele isikhathi kanti futhi sizolandelela futhi siyibheke ngawokhozi ukuba sibone inqubekela phambili, nokuthi iwuqeda umsebenzi ngesikhathi abanqunyelwe sona. Uphethe ngokuxwayisa umphakathi ngokuthi ungaxhumi ugesi ngokungemthetho, ngoba lokho kobe Kubeka izimpilo zabantu encupheni, kanti inkontileka kumele iqale maduzane.