BAZOHLOMULA ngemifaniswana abafundi abahlwempu kulonyaka. Lokhu kulandelwa ukuthi inhlangano i-Hollywood Foundations isibeke imali engu-R8million, yokuthengela abafundi abangathathi entweni imifaniswano kulonyaka esikuwo u- abafundi abahlwempu e-South Africa, ngoba kuzovulwa izikole kulonyaka, uthe ngalemali esibalulwe 2024. Lenhlangano ithe ijabula kakhulu ukuba isize laba abahlwempu ngaphansi kohlelo abalubiza ngokuthi “Back to School”.Ngokusho kokhulumela lenhlangano, uNksz Vuyisile Ngobese, uthe kuzohlomula ngenhla kuhloswe ngakho ukusiza bonke labafundi asebebalulwe ngenhla. Uthe lomkhankaso kuhloswe ngawo ukukhombisa umbono walenhlangano Kanye nabo bonke abangaxhasa ukuthi bayabuyisela emiphakathini lena abasebenza kuyo.Uthe i-Hollywoodbets Brand Ambassadors; ibambisane namanxusa ayo Kanye Kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo (NPO), izinhlangano zebhola, osaziwayo Kanye nabaculi abafana noKhuli Chana; Big Zulu & Sjava; Mr Thela; Rugby player Makazole Mampimpi, Kanye nemisakazo emikhulu ukufeza iphupho la labafundi abazogixabezwa ngemifaniswano kulonyaka ophezulu. Uthe bazoqinisekisa ukuthi wonke amabulentshi abo angu-97 eSouth Africa ayaluqhuba lolu hlelo lokusiza Kanye nokuphucula izimpilo zabafundi abangathathi entweni, kuzo zonke izinxenye lapho benamahhovisi khona Kanye nezindawo zokugembula. “ Imfundo ingikhiye wekusasa lawo wonke umfundi ngoba ivula yonke iminyango, “ esho, eqhuba ethi lolu hlelo lokunikezela ngemifaniswano “ Back to School”,bazoliqala 22 January 2024,lapho bazobe sebegixabeza khona abafundi abahlonziwe ngemifaniswano. Uphethe ngokuthi kulomkhankaso wabo bazoqinisekisa ukuthi wonke umfundi ugixabezwa ngomfaniswano Kanye namaeksesayiyi, ukuze baqede incindezi abazali ababhekene nayo kulesikhathi sokuvulwa kwezikole ikakhulukazi laba abangathathi entweni.