UMKHANDLU Amajuba uzochitha usuku lonke uhlomulisa abantu ngolwazi kanye nokuphila nesimo sokuguquguquka kwesimo sezulu, ukuze uzokwazi ngezinselelo zalesimo. Ngokusho kokhulumela lomkhandlu abantu bazophinde bafundiswe ngesimo sokuguquleka komhlabathi, ubuhlane nemithelela yokuguquguquka kwesimo sezulu, nokubaluleka kwesimo semvelo esivimbela intuthuko emphakathini kanye nokukhula kwezeminotho. Kusasa mhlaka 24 October 2023, umeya woMkhandlu Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu, uzophinda asayinise abantu abangu-20 izinkontileka zomsebenzi, okuyoba iprojekti ka-2023-2024, lapho kuzobe kuvalwa imogodi egugulekile, ukutshalwa kwezihlahla , nokubuyisa kuphinde kwihlumeliswe izindawo ezigugulekile. UMkhandlu uthi uzotshala okokuvimbela ukuguguleka komhlabathi, kutshalwe izihlahla kanye notshani, ngenhloso yokugqakambisa nokuvikela imvelo. “Lolu hlelo luzovula amathuba omsebenzi , kufindiswe intsha ngamakhono omsebenzi entsheni,” kusho okhulumela uMkhandlu Amajuba. Kuvelile ukuthi imayini Ikwezi izonikela ngamatshe, nokokugcwalisa lomhlabathi ogugulekile kanye nezimpawu zokukhombisa izindawo ezinobungozi.