UKUGCATSHWA kwabantu ubugebengu lobo! Lokhu kushiwe abaholi bendabuko abebekhuluma bephindelela ukuthi bona ababagcabi izingane ezineminyaka ngaphansi kwewu-18. Baqhube bathi abelaphi ingane eniminyaka engaphansi kwewu-18 futhi uma ifika bathi mayiyolanda umzali. Baqhube bathi ukgcatshwa kwabantu ubuthakathi lobo akusibona ubunyanga. Obekhulumela izinyanga uMnu Mdluli ongumelaphi wendabuko uthe uthe akekho umelaphi wendabuko owelapha ingane eneminyaka engaphansi kwewu-18 kodwa loyo usuke engumthakathi. Uqhube wathi futhi umlaphi wendabuko uma elapha akambi eqolo ngoba lomsebenzi usuke ewunikwe abadala ukba aphilise abantu. Uthe akuvumelekile ukuthi umelaphi wendabuko obhaliswe ngaphansi kwenhlangano yabelaphi bendabuko ukuba afake umuntu ibhande ngoba lokho kusho ukubhebhezela impi, umthakathi loyo. Uqhube wathi thina siyaqeqeshwa ngalomsebenzi wabelaphi bendabuko futhi sinezitifiketi ezisigunyaza ukba silaphe. Uphethe ngokuthi labo abasuke begcaba izingane bezithwasisa zingcane ngaphandle kwemvume yomzali zigebengu ezisuke zizifunela imali gqa. USihlalo weCommunity Policing Forum uNksz Ziningi Kunene ukhwele wadilika kubelaphi bendabuko wathi ababasize njengohlaka olumele umphakathi ukuba kulwisane nobugebengu. Uthe bonke abafanyana abayintsha abahlupha umphakathi bengamagenge aqhuba ubugebengu batholakala begcatshiwe befake namabhande uma beboshwa. Uthe badinga usizo olukhulu kubelaphi bendabuko ukuze babatshengise abelaphi bendabuko bempela kanye namaqili agcaba izingane ukuba zibe ondlavini.” Nginxuse abelaphi bendabuko ukuba basikhombise izitifiketi sabelaphhi bendabuko ukuze sazi ukuthi zibonakala kanjani, nokuthi kuzomele siphume umkhankaso nabo sihambe sibheke izindawo zabelaphi bendabuko ukuthi zisemthethweni yini,” kusho uWO S.M. Uqhube wathi lokhu kuzosisiza ukuba sikwazi ukubabopha ngokosomqulu wamacala(CPA)ongu Act No:22 /2007 I Traditional Act. Uthe lokho kuzosiza ekuvikeleni ubudlabha okusolakala ukuthi kwenziwa abelaphi bendabuko babe qotho basebenze ngaphansi komthetho wabelaphi bendabuko kungabonakali umuntu esesebenza njengomelaphi wendabuko ongabhalisiwe futhi ongaziwa lapha emajuba. Uqhube wathi thina njengamaphoyisa kusikhathaza kakhulu ukuthi njalo ngempelasonto sihlangabezana nemingcwabo lapho intsha esemaqenjini noma amagenge ivuka ubudlova iphethe nezikhali,inezincweba nezimpondo, izingcabo, nemigexo nezintambo ngenxa yabalaphi bendabuko. “ Entsheni ewu-5, kwemibili kuya kwemithathu kutholakale lezinto emzimbeni yabo,”esho. Uqhube wathi yingakhoke singamaphoyisa sicele ukuthi siphume umkhankaso nabelaphi bendabuko abasemthethweni ukuthi sibheke izidleke zabelaphi mbumbulu,.hleze lezigameko esizibonayo zizoncipha ,ngoba ezinye zazo lezigameko ziyangenelela ezikoleni nasemtholampilo. “Phakathi noMay,a October Kanye nonoNovember ziyavuka lezigameko endaweni yasoSizweni,” elanda. Uphethe ngokuthi abelaphi bendabuko basishayele ihlombe lesiphakamiso esenziwe ngamaphoyisa asOsizweni sokuthi kuphunywe lomkhankaso wokubheka abelaphi bendabuko mbumbulo ngoka kuqondwe ngakho ukulwisana nobugebengu, waphinde wabonga zonke izinhlaka eziphumelele ukuba yingxenye yalomhlangano obunohlonze ngoba bekubizwe zonke izinhlaka zikahulumeni.