OBAMBE njengoNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa , uzoba nesithangami nabezindaba namuhla ngo-2 ntambama , lapho ezobe ezochazela isifundazwe mayelana nokungenelela kukahulumeni ngoba lesifundazwqe sihlaselwe izimvula ezinamandla nesiqhotho. Kuvelile ukuthi lesithangami kuzobe kudingidwa kuso izinhlelo zabezinhlekelele kanye nabatakuli abaphansi phezulu besebenza ngokukhulu ukuzikhandla kulabo abakhahlanyezwe zimvula ezinamandla kanye neqhwa. Uthe lokhu kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi izakhamuzi kanye nabasebenzisa imigwaqo ukuthi baphephile. Uphethe ngokuthi enye inhloso enkulu eyokubhekelela ukuthi abashayeli bezimoto ezibambe eqhweni ziyatakulwa futhi nabezimo eziphuthumayo bayasizwa ngezinye izinhlangano ezizimele. “ Sikhalela imindeni ethintekile kanye nalabo abagcine bengafikanga emishadweni,” esho. Uqhube wathi ongqongqoshe besifundazwe bebathe chithi saka isifundazwe beqaphe isimo kuhlasela lezimvula ezinamandla. Isithangami sabezindaba sihlelwe kanje: Usuku 22 September 2024
Isikhathi:14H00
Indawo:KZN Provincial Government Disaster Management Centre, Mkhondeni, Pietermaritzburg.