KULINDELEKE lukhulu okhethweni lokuchibiyela KwaZulu-Natal, oluzobe lubanjwe komasipala abawu-7. Lolukhetho luzobe lukoMasipala okubalwa Umzumbe oneziteshi eziwu-12 , sezizonke oneziningi kakhulu,kwaNongoma, Mzimkhulu, Newcastle, Melmoth, Phongola kanye naseMvoti. Kuvelile ukuthi iziteshi okuzovotelwa kuzo ziwu-72, kanti futhi kuvelile ukuthi izikhala zadaleka ngenkathi amanye amakhansela esula ezikhundleni ejoyisa iqembu elisanda kusungulwa nebelingenele ukhetho okokuqala i-MKP. Kuphinde kwavela ukuthi ezinye izikhala zadalwa ukuthi amanye amakhansela axoshwa kanti amanye andlula emhlabeni. Oyimenenja KwaZulu-Natal, uNtombifuthi Mashinga uthe izikhala zadalwa ukuthi kukhona amakhansela asula ezikhundleni zawo, amanye axoshwa kanti amanye andlula emhlabeni. Uqhube wathi namuhla bekuvotiswa laba abavota ngokukhethelekile. Uthe kwakufanele ukhethe lolu lokuchibiyela lube ngenyanga ka-April ngaphambi kokhetho lohulumeni wezifundazwe kanye nolukazwelonke kodwa kwaba nezinqinamba ezithile , yingakho luzobajwa kusasa mhlaka 19 June 2024. Uqhube wathi siyaxoxisana nawo wonke amaqembu ngoba siyahlala kwi Party Liaison Committee (PLC), futhi siyethemba ukuthi akukho okuzoba zinqinamba.