ITHOLAKALE isinje imoto edunwe esisebenzini sakwa-Eskom Isithombe: SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uzigxekile izigameko zokuhlaselwa kwezisebenzi zika-Eskom nezomasipala.
Kubikwa ukuthi esigamekweni sakamuva kuhlaselwe isisebenzi sika-Eskom ngoMgqibelo sadunwa imoto saphinde sathunjwa endaweni yaseDlangubo, ngaphansi kukamasipala uMlalazi.
“Kulesi sigameko sokuhlaselwa kwesisebenzi sika Eskom kamuva, sithunjwe kudunwe imoto , yaphinde yacuywa lemoto yomsebenzi,” kusho uButhelezi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, eqhuba ethi lesi sisebenzi besihlaliswe ehlathini amahora ayisishiyagalombili sithunjiwe, futhi sisethukile namanje ngenxa yalesi gameko.
Uqhube wathi ukudunwa kwezimoto zikamasipala nezika-Eskom sekuyinsakavukela kulesi sifundazwe saKwaZulu-Natal, ngoba kuhlaselwa abantu abasuke belethe usizo emphakathini.
“Le nto yokudunwa kwezimoto ishaya kuzwele ngoba iphazamisa ukuhanjiswa kwezidingo kubantu ezifana nogesi namanzi,” kuqhuba uButhelezi.
Uthe lokhu akuvumelekile ngoba kuthunaza kuphinde kuphazamise ukuphakelwa kukagesi namanzi emphakathini.
“Kuphazamisa ochwepheshe bakwa-Eskom okudala ukuphazamiseka kokuhanjiswa kwalezi zinsiza ezibalulekile ezakamizini.
Lokhu kuhlaselwa kwalezi zisebenzi akuphazamisi nje kakhulu ukulethwa kwezinsiza kodwa lokhu kuphinde kubeke izimpilo zalezi zisebenzi engcupheni, nazo zigcine sezisaba ukuyosebenza noma ekuhambiseni izidingo nqangi ezakhamizini okungamanzi nogesi,” kulanda yena.
Uphinde wahlaba ikhwelo ezakhamizini ukuba zibambe iqhaza ekuvikelweni kwalezi zisebenzi ezibalethela ingqalasizinda, ethi imigulukudu ihlala emphakathini futhi yaziwa yiwo umphakathi.
Uphethe ngokuthi izakhamizi kumele zihlale ziqaphile futhi uma zibona okusolisayo noma ezibasola ngokuthi bayathinteka kulezi zenzo zobugebengu kumele bathinte ababhekelele ezomthetho ngokushesha, basebenzisane nanamaphoyisa ukuze kubanjwe izigebengu.