NGUMEYA uKhansela Petros Ngubane nabanye abahlonishwa.Izithombe. ZITHUNYELWE
KUGQUME umkikizo eNdanyana, eMsinga uMhlonishwa uMeya ehambisa izinsiza zamanzi ezazicelwe umphakathi.
UMhlonishwa Meya Ngubane ubehamba neKhansela le ndawo uMnuz Mkhize kanye nethimba elaqokwa uMeya ukubheka izinkinga zamanzi eMzinyathi.
Lo mphakathi ngesikhathi ithimba lihambele le ndawo lakhala ngamathange amumutha amanzi ukuthi madala futhi aseyavuza bangakujabulela ukuthola amathange amasha ozokwenza ukuthi uma seligcwele elinye amanzi aphampelwe kwelinye.Bacela namapayipi abathi abazolekelela ukuthi kufakwe amanzi kweminye imizi engezansi okuba kude kuyo uma ezokha amanzi ngasenhla.
Namhlanje uMhlonishwa Meya uvele wagixabeza iNdanyana ngamathange amane, okukhona kuwo nelingu-10 000 litres amapayipi , valves, stand pipes nompompi abawu 10 abazoxhunywa emphakathini ukuze kube lula ukuthola amanzi.
Kusasa uyasha umsebenzi wokufakela lomphakathi amanzi.
Umphakathi ubonge wanconcoza kuMbovu uthi impilo isizoba lula kakhulu uma sebenamanzi eduzane. “Besithi uMzinyathi usilahlile kanti izikhalo zethu zethu uMhlonishwa Meya uyazizwa, ngisho usemsakazweni besifona sibike inkinga yethu. Siyabonga Mbovu noMafu ,” kusho leli lunga lomphakathi ligqashiya.
