KWESOKUNXELE uthishanhloko wase DNC uMnu Darklas Mtshali, uthishanhloko waseMalambule uMnu Philani Hlayise kanye noMhloli omkhulu uMnu Sicelo Mkhize.
KUNXUSWE abafundi bakamatikuletsheni ukuba bangasabheki emuva kodwa baqinisekise ukuthi bafaka umfutho bafunde ngokukhulu ukuzimisela. Thina njengomnyango wesekethi laseDannhauser sinikwe umnyango ukuthi asiqinisekise ukuthi sithola amaphesenti awu-100. Lamazwi ashiwo nguMhloli omkhulu waseDannhauser uMnu Sicelo Mkhize ngenkathi bekushiwo ukuthi sekusele izinsuku esingaphansi kweziwu-100, ukuze ziqale izivivinyo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka. Uphinde wakuveza enkulumeni yakhe uMhloli Mkhize ukuthi nabazali sekumele baqikilele ukuthi abantwana bathola isikhathi esanele ukuba bazinike isikhathi esiningi sokulungiselela izivivinyo zabo zokuphela konyaka. Nabo abafundi baphinde bazibophezela ukuthi bazofunda ngokukhulu ukuzimisela kunakuqala ukuze baphase ngamalengiso. Uthe kuzokhumbuleka ukuthi uNgqongqoshe womnyango weZemfundo uMnu Sipho Hlomuka washaya insimbi eyikhwelo lokuthi sekusele izinsuku ezingaphansi kuka-100, ziqale izivivinyo zokuphela konyaka. Uphinde wathi nabo njengomnyango bazibophezele ukuba abafundi bafunde ngokukhulu ukuzimisela ukuze babe nekusasa eliqhakazile. “ Imfundo ukhiye wekusasa ovula wonke umnyango okhona ,” esho. Uqhube wathi ukuqala kokuhlolelwa kwezivivinyo zokuphela konyaka kuqala mhlaka 21 October 2024. Uthe fakani umfutho wokugcina ukuze niphase. “ Ikilasi lika 2024, ileli kuphela alikho elinye futhi kumele nikwazi ukuthi izitifiketi zimbili khona esokuzalwa kanye nesezemfundo. “ Ngicela nihlele nezifundo ukuthi nitadisha kanjani, nokuthi nizitadisha kanjani ukze niphase ngamalengiso. Thina sibona amaphesenti awu-100 kini yingakho sinibizile ukuba nibe inxenye yokunelekelela nokunigqugquzela ukuthi niphase futhi nizimisele ezifundweni zenu. Sibona amaphesenti awu-100, kini yingakho sinani namuhla. Ngenkathi kunalomkhankaso wokugqugquzela abafundi ukuthi bafake umfutho ezifundweni zabo , kukhanyiswe ikhandlela. UDkt Masondo uthe yehlisani uvalo , sekusele ukuthi niphushe okokugcina. Sibonge othisha nani bafundi ngoba nikwazile ukuba nibe inxenye yalomgqugquzelo wezimpilo zenu ukuba nizakhele ikusasa eliqhakazile ngokufunda ngokuzimisela. UMnu Mkhize uphinde wabonga yonke iminyango kahulumeni ngokubambisana nabo ukuze kwakhiwe ikusasa eliqhakazile lwabafundi abangabantwana bethu. Uthe leminyango eyahlukahlukene ihlala inabo ngaso sonke isikhathi uma beyidinga futhi ikakhulukazi umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi ohambela izikole ululeka abafundi ngakho konke ikakhulukazi izinselelo zezempilo izikhahlameza abafundi abaningi ezifana nokugxila ezidakamizweni kanye nokukhulelwa besebancane. Usonhlalakahle uNksz Nomathemba Nene uthe sizojabula uma ningiphasa kahle. Esephetha uMhloli omkhulu uthe unxusa abafundi ukuba baphase ngamalengiso kwisekethe yaseDannhauser. Ukugcizelele ukuthi kwathiwa amasekethe amabili aseDannhauser anxusa ukuthi aphase athole amaphesenti awu-100 okuyi Normandien kanye noMzinyashana. Isiqubulo besithi sibona, sisebenzela futhi sizimisele ukuthola lamaphesenti awu-100. Okhulumele abafundi uAnele Makhanya wasesikoleni iDNC uthe thina njengabafundi sizibophezele ekutheni siya njalo ezikoleni. “ Sifisa ukuthi sihlale sinempokophele , siphinde sizinikele ezifundweni zethu. Sifisa ukuthi sizinike isikhathi ezifundweni zethu, siphinde sikwazi ukusebenzisa umqondo wethu ngendlela eyiyo kube imfundo kuphela singabheki ezinye izinto eziseceleni ezingeke zisisize empumelelweni yethu nekusasa lethu. Okhuleme egameni lothisha bonke uMnu Philani Hlayise wase Malambule High uthe bengothisha abazimisele ekulekeleleni nasekucijeni abafundi ukuba balungele izivivinyo zokuphela konyaka zikamatikuletsheni. “ Sizimisele ekufundiseni abafundi ngendlela eyiyo, futhi sizimisele ekutheni sibambisane nabazali babantwana ababheki ukuze babe nekusasa eliqhakazile, sizibophezele ekutheni siyabalekelela , siphinde sibabonise ngendlela eya empumelelweni sibambisene nabazali kanye nababheki babantwana.