UGWETSHWE odilikajele ababili owadlwengula intombazanyane yakwamakhelwane eyabe ineminyaka engu-8 ngo-Okthoba 2023 eNgobodweni, KwaCeza, ngasoLundi.
Kubikwa ukuthi lo mlisa oneminyaka engu-48 ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda yasoLundi odilikajele ababili emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula ingane yakwamakhelwane.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe lomlisa elingeke lidalulwe igama lakhe ngoba engumakhelwane wesisulu sokudlwengulwa, wahlangana nale ntombazanyana eyabe iya emzini wakhe mhla zingu-11 ku-Okthoba 2023 iyodlala nabangani.
Lo mlisa wabe eseyibamba le ntombazanyana wayidonsela ehlathini eliseduze wayidlwengula. “Emva kwezinsuku ezintathu le ngane yabe idlala nabangani bayo ekhaya kubo ngenkathi yena lo mlisa eyibizela endlini yakhe wayiphosa embhedeni wayidlwengula okwesibili,” kusho uColonel Netshiunda esitatimendeni.
Uqhube wathi le ngane yabe isibikela abantu abadala ngokuyehlele, kwaba sekubikelwa amaphoyisa waboshwa. Icala labe selidluliselwa ophikweni lwamaphoyisa olubhekelele amacala odlame nokuhlunkunyezwa kwezingane nabantu besifazane. Wabe esevela enkantolo izikhawu eziningi njengoba egcine esegwetshwa ngoLwesihlanu.
Kuphinde kwavela ukuthi lo mlisa ogwetshwe odilikajele ababili igama lakhe libe selishicilelwa ohlwini lwabantu abalahlwe ngamacala okudlwengula, waphinde waphucwa ilungelo lokuphatha isibhamu nokusebenza nezingane.