KUBOSHWE umsolwa kwashaqwa isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eziwu-45. Kuvelile ukuthi amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi kunomsolwa ophethe isibhamu esingekho emthethweni. Amaphoyisa aseNewcastle athe lomsolwa unede wezwa ukuthi amaphoyisa asezithendeni zakhe , wabe esebalekela eVilliers , eFree State. Aqhube athi amaphoyisa oPhiko lwe-DOCC Task Team, Amajuba Crime Intelligence kanye nezinkampani zonogada okubalwa kubo i-Barnad kanye Winzy Bee Security, balandele umkhondo baze bayombopha khona kulendawo ebalulwe ngenhla. Athe lesibhamu sizohamba siyohlonzwa ukuze kubhekwe ukuthi asikaze yini sithinteke noma simbandakanyeke ezenzweni zobugebengu kanye nokubulawa kwabantu. Umsolwa uzovela maduzane eNkantolo kaMantshi waseNewcastle, ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.