INHLANGANO yokugembula i-Hollywood Foundatiom izibophezele ekutshaleni emabhizinisini aphethwe ngabantu besifazane ngaphansi kohlelo nokubambisana neNomzamo Lighthouse Foundation’s Empowering Her Women in Business Seminar & Awards. Kuvelile ukuthi kulonyaka unyaka ka-4 kwaqala ukuthuthukisa amabhizinisi abantu besifazane kanti kulonyaka lokuthuthukiswa kanye nokuklonyeliswa kwamabhizinisi abantu besifazane kuzokwenzeka mhlaka 14 September 2024,e-Inanda Country Club, lapho kuzobe kulekelelwa abantu besifazane ngoxhaso abasemabhizinisini eSouth Africa. UNksz Ms Babongile Mkhize, Group Transformation Manager at the Hollywood Foundation, uthe bazibophezele ekuthuthukiseni amabhizinisi abesifazane abasakhula futhi loluhlelo lulibe lwaqala ngonyaka u-2021, lapho abasuke bewinile bexhaswa ngezinsiza zokukhulisa amabhizinisi abo, emikhakheni ehlukahlukene, kulomcintiswano. Uthe kulonyaka iFoundation ithole ukuthi abantu abangenele lomcintiswano bawu-260, okungabesifazne abaphethe amabhizinisi abo futhi kungabantu abamnywama ngaphansi kwalemikhakha:ICT, Automotive, Construction, Tourism, Medical Services, Manufacturing, Agriculture, Events, Wholesale kanyeRetail. “ Uthe umcimbi wokuklomeliswa kwalabo abazobe bedle umhlanganiso uzobe uhlelwe nguzime ophinde abe ngusomabhizinisi uNomzamo Mbatha , African Bank ne Hollywood Foundation,” esho. Uthe lomcimbi uzobe uhanjelwe nangoncweti emikhakheni ehlukene okubalwa abahola Finance, Branding and Marketing, Operations kanti iskhulumi sosuku koba nguNomzamo Mbatha. Uqhube wathi abazoqokwa abawu-10 osomabhizinisi bazohlukaniselana ngesamba semali esiwu-R800 000, ewuxhaso. “ Lokhu kuyizinkomba zokuthi i-Hollywood Foundation izibophezele ekufukuleni abesifazane kwezamabhizinisi, “ kusho yena. Uthe ukuxhasa abantu besifazane akukona ukuthi babalekelele ngemali kodwa ukuthi bavula amathuba omsebenzi , babakhulise , bazakhele ikusasa labo eliqhakazile ngokukhulu ukuzithemba kusukela ngonyaka u-2021. Uphethe ngokuthi bayazigqenya kanti bayabonga kakhulu ukuthi babambisane noNomzamo Lighthouse Foundation ukwenza lomcimbi wokuthuthukisa abesifazane ube yimpumelelo ngoba usuneminyaka ewu-4, wasungulwa ngenhloso yokuthuthukisa osomabhizinisi abantu besifazane ukuze akhule , bafunde nokuzimela.