IZIHAMBELI zomcimbi obukade uyiNdumezulu wokubungaza iminyaka engu-40 kwaboshwa ifindo , likasofa silahlane, aziwuvali umlomo ngesifundo esihle. Ngomgqibelo bekubuthene izinkumbi zabantu eNquthu e-Omeida Conference Hall, futhi kufinywa ngendololwane emcimbini ka Mnu. Mbuyiseni Buthelezi no Nkosikazi Zandile Buthelezi, abangosomabhizinisi abavelele kwelaseNquthu. Osomabhizinisi kusukela embonini yezokuthutha, osomathenda, abahwebi bezitoro, osaziwayo abazalwane, Kanye namalunga omphakathi abeyingxenye yalomgubho nokuzohalalisela umndeni wakwaButhelezi, ukuthi Inkosi ibagcine kufike la. Emva kweminyaka engamashumi amane (40), beshadile babone kubalulekile ukuva babize umphakathi, abangani nezihlobo ukuba bahlanganyele nabo ukuzobonga nokukhulekela isibusiso esingaka emshadweni wabo. Bobabili umama nobaba enkulumweni zabo ezakhaya bavumelene ngaphimbo linye ukuthi zinigi izinkinga ababhekana nazo, futhi umshado awulula, kodwa bayabekezelelana, bathandane noma sekunzima kangakanani. Kodwa okukhulu kunakho konke ukuthi indlela yabo ibiyodwa, kukhona uNkulunkulu, yingakho bememe wonke umuntu ukuthi bazomubonga ndawonye.
Umculi kaMasikande uThokozani Langa, obe yinxenye futhi enandisela lomcimbi “Siyajabula ukubona izithandani ziyibambile isikhathi eside kangaka akusajwayelekile, siyazi akulula kulendlela akhona amagquma nezikhinsi kodwa bakwazile ukudlula. “Sifundile ukuthi uma nisothandweni ningacula kanye kanye kodwa makukhulunywa omunye uyalalela, ngifisa ngathi siyisizwe singafunda kwabakwenzile kube wufuzo oluhle Kithi sonke kwenabe njengezintanga.” ULanga uqhube wathi kukancane ukuthi ulusha lungafika Lana, esho ehlaziya ingoma yakhe ethi “Mina noMkami sihleli kulomendo ngoba sizithutha”, uthi inkinga yesimanje ukuthi kuganene izihlakaniphi, manje abahlalelani ngoba bonke bayazi akekho othobela munye.
UNozipho Mabaso oyisihlobo aphinde abe nguMgqugquzeli wabesifazame emshadweni ubabaze uthando abalunikezwa yilomndeni, “bathandana bona, bathande umdeni wabo baphinde basithande sonke thina zihlobo, abangani nomphakathi basipha uthando olufanayo. “Ngifundile ukuthi uma ubambelele kuJesu uyakwazi ukuma noma kungasameki ubambelele njengoba bebambelele, uthando lwabo luhlangene nokubambisana.”
Usomabhizinisi waseNquthu osemdala uBaba uTony Dube ubeyinxenye wathi “siyisizwe kufanele sibuyele emuva sibuyise ujubekezela nobuntu, manje ubona umuntu usubona inyamazane, likhulu iqhaza elibanjwe ilomndeni emphakathini wakithi, lokho kusho Ubuntu, bheka imisebenzi nezinto ezinhle abazakhayo okusho ukubuyisa isithunzi sendawo yakithi kube Ilena esiyaziyo.” Uqhube wathi usazokufunda kulomndeni, uthi enye into ezosiza intsha ukuba ifike kulelizinga ukuthi uhumeni aqede indlala ngoba abantu abaningi bayalamba izingane zizala ngapha nangapha ngenxa yendlala ngeke zisafika emshadweni.
USiyabonga Zulu ongumkhwenyana kulomndeni naye ubabaze kakhulu isifundo esihle abasifunda kubazali, uthi kuleminyaka engu-12 eshadile kungenxa yemfundiso yalapha ekhaya babukela kwabadala ukuthi kungaphileka eside isikhathi emshadweni. “Sinethemba ukuthi ngelinye ilanga inkosi izosigcina sihambe lelibanga, sikhulu isifundo esisithola kubo.”