UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe, usebhalele uMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba , ukuze aphendule ngezinsolo zenkohlakalo, ukungaphathi kahle, inkohlakalo kanye nokungalandeli imigomo equkethwe usomqulu kahulumeni. Kuvelile ukuthi uNgqongqoshe ubona uMasipala iTheku kuyisizinda somnotho KwaZulu-Natal, manje kuyamkhathaza ukuba athole lezinsolo ezibhalwe phansi ezivela kubantu abahlukene. Uqhube wathi lezincwadi ezithunyelwe kuye zinezinsolo eziwu-9 , ezibucayi futhi ezimkhathazayo. “ Ngikubone kubalulekile ukuba ngizithumele kuye uMeya ukhansela xaba lezinsolo eziwu-9 kanti futhi ngifuna angiphendule ngazo, ngesikhathi emgimqumele sona” esho. Uqhube wathi ngokomthetho uSection 106 of the Local Government Municipal Systems Act 32 of 2000, njengoba wacutshungulwa, kuyamgunyaza yena njengongqongqoshe ukuba aphoqe ukuthi uyalandelwa. Uthe lomthetho awukuvumeli ukuba kube nenkohlakalo, ubuqola nokungaphathwa kahle izimali zomphakathi, yingakho ekubona kufanele ukuba uMunicipal Manager kanye namakhansela , bakuqinisekise ukuthi bayaphendula mayelana nalezinsolo. Uthe njengomphathi walomnyango kubalulekile ukuthi omasipala basebenza ngobuqotho, nangokuvulelekile. Uphethe ngokuthi bazoqhubeka nokuhambela omasipala bakulesifundazwe ukuba babheke ukuthi baziphatha kanjani izimali zomphakathi kanye nokuhanjiswa kwezidingo emphakathini.