AMAPHOYISA aseNewcastle asekhiphe isexwayiso kulabo abashaya izithupha uma behamba, athi kuyingozi! Athi lokhu sekwenze amaphoyisa alusukumela lolu daba ngoba iningi labo abasuke begitshelisiwe bagcina ngokubamnjwa inkunzi ilaba abasuke bethi bayabasiza, kanti kwesinye isikhathi babanjwa inkunzi besashaya izithupha.Okhulumela amaphoyisa eNewcastle uLizzy Arumugam uthe lokhu kuyingozi ngoba abanye babanjwa inkunzi kanti abanye bayadlwengulwa ngabantu abasuke bethi bayabasiza ngoba bengenayo imali yetekisi ephelele baze bancamele ukuyokhomba izimoto. Uthe lokhu kungubungozi obukhulu ngoba abanye bashayiswa zimoto besakhomba. “ Kuyenzeka ukuthi lemoto osuke ugibele kuyo ikushiye ehlane lapho ungavelelwa nanoma yini khona,” esho, eqhuba ethi kwesinye isikhathi bakushiya endaweni ongayazi. Uthe ukukhomba izimoto ebusuku kuyingozi kakhulu. “ Akufanele ukuyokhomba izimoto udle amanzi amponjwana noma udle izidakamizwa,” esho. Uqhube wathi uma kwenzeka ugibela imoto zama ukufonela ilunga lomndeni noma umngani umnike imininingwane nohlobo lwemoto oyigibele, nge SMS, ukuze uma kukhona okungahambi kahle basheshe babanjwe abenzi bobubi. Uthe gwemani ukugibela izimoto eningazazi futhi ezigcwele abantu eningabazi ngoba lokho kuyingozi, ikakhulukazi izimoto ezigcwele abantu besifazane abaningi, Kanye nezinamadoda amaningi. Uqhube wathi buza kuqala ukuthi ingabe imoto ilibangise kuphi ngaphambi kokuba ugibele. Uphethe ngokuthi amaphoyisa awakugunyazi ukuthi abantu bayohayikha ngoba kuyingozi , kungcono basheshe bahlele uma bezohamba futhi bagibele izithuthu zomphakathi amatekisi Kanye namaphasi.