PHAKATHI nendawo nguGeneral Fred Alexandra ophethe isiFunda Amajuba, bese kuthi ome eceleni ngumpahthi wesiteshi samaphoyisa saso Osizweni uColonel Msebenzi Nkosi, namalunga omphakathi bebhizi bakha eCavan.
Kwesinye nguNonjabulo kanye noSanele Nhlapho Isithombe.Langelihle Chagwe
“SINGABANTU nathi, asibophi kuphela, futhi siphila emiphakathini” kusho uWarrant Officer Sipho Zondi.
Kuzokhumbuleka ukuthi izakhamizi uma zibona amaphoyisa sisuke sezazi ukuthi sekukhona isephula mthetho , kanti nazo uqobo zizinuka amakhwapha ukuthi ngabe sengenzeni.
Uthe , siphila emphakathi futhi siyazazi izinqinamba nobubha obubhekene nezakhamizi.
Ukusho lokhu ngenkathi amaphoyisa aso Osizweni ,eNewcastle, ebambisene nohlaka lomphakathi olusebenzisana namaphoyisa ekulwisaneni nobugebengu ), i-Community Policing Forum), phecelezi CPF bebhizi bakhela uNksz Ntombifuthi Nhlapho oneminyaka engu-55, indlu enamakamelo angu-7, kubalwa kuwo indawo yokuphumula, ikhishi, ikamelo lokuzihlanza kanye namakamelo okulala.
Uqhube wathi , abantu abasebenza lapho ukwakhela uNhlapho amalunga e-CPF namaphoyisa aso Osizweni kanye noMqondisi wenkontileka weLubembe Construction uMnuz Siyabonga ‘Ngozi’ Mashinini.
Umphathi wesiteshi uColonel Msebenzi Nkosi, naye ubeka ibhulokisi uma kusetshenzwa njengoba ezibambele ngokwakhe noSihlalo we CPF uNksz Ziningi Kunene kanye naye uWarrant Officer Zondi bayingxenye yabakhela uNhlapho lendlu.
UWarrant Officer Zondi uthe , lolu hlelo lokwakhela abantu ,lungaphansi komnyango awuholayo esiteshini samaphoyisa aso Osizweni okuyi Social Crime Prevention, lapho ebhekene nqo nezakhamizi.
Uphethe ngokuthi , sihlala sizakhela izakhamizi izindlu ikakhulukazi ezihlwempu.
Obengekho ngenkathi kuthwetshulwa izithombe , nenxenye yezingane zakhe uNksz Ntombifuthi Nhlapho , uhlala nabantwana bakhe abayisikhombisa emkhukhwini eCavan, eBlaauwbosch, uNonjabulo, Siphamandla, Samukelisiwe, Sanele, Nqobile, Sboniso kanye noPhiwokuhle.
Undodana wakhe naye oyingxenye yabasebenzayo ekwakheni le ndlu uSanele Nhlapho oneminyaka engu-23, ubonge kakhulu amaphoyisa ngokuwakhela uphahla, wathi iNkosi iwabusise futhi abakwenzela bona bakwenze nakwabanye.
UMnuz Mashinini uMqondisi weLubembe Construction uthe, ngibone ukuthi nami ngivolontiye , futhi ngilekelele ekwakhiweni komuzi kaNhlapho , njengelunga lomphakathi.
“Angigcini ngokulekelela ekwakhiweni kwezindlu zomphakathi ngiphinde ngisize abahlwempu ngamabhokisi, izitulo , amatafula kanye negilosa uma beshonelwe,Kusho uMnuz Mashinini, eqhuba ethi waqala, ukusebenza ngenkontileka yakhe kwakhiwa isikole uMzamo, esebenza ngaphansi kwenye inkontileka ngonyaka ka-2016.
Uthe , sengike ngakha nesonto i-Build Voice of Profess elikwa Ntshangase.
Uphethe ngokuthi kumanje usebhizi ufuna abaxhasi njengoba kumele akhele ugogo oneminyaka engu-93 uReginnah Majola, indlu.
