NGQONGQONGQOSHE wezeMfundo uMnuZ Sipho Hlomuka kanye nezikhulu eziphezulu emnyangweni.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka , ehambisana nezikhulu eziphezulu eMnyangweni wezeMfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal kanye nezikhulu eziphezulu esiFundeni iLembe, bavakashele isikolo okusolakala ukuthi siphoqa amathishela nabafundi ukuba bafake umfaniswano wezepolitiki, futhi uma bengakwenzi lokho basatshiswa ngokubakhomba indlela.
Kubikwa ukuthi uthishaNhloko wesikole samabanga aphansi i-Shakaskraal esingaphansi kwesiFunda iLembe, kusolakala ukuthi uphoqa amathisela kanye nabafundi ukuba bagqoke umfaniswano wezepolitiki (political party regalia).
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni, sivakashele lesi sikole njengoba besithole izikhalo ezithi uthishanhloko uphoqa amathishela kanye nabafundi ukuba bafake umfaniswano wezepolitiki futhi uma benqaba, ubasabisa ngokubaxosha emagcekeni esikole.
Kuvelile ukuthi ngenkathi evakashile kulesi sikole ungqongqoshe uHlomuka nezikhulu ukugcizelele ukubaluleka kokugqakambisa isiko lokufunda nokufundisa.
Uthe esitatimendeni izikole kumele zingazimbandakanyi nezepolitiki.
“Izikole kumele ziqikelele ukuthi ziyayilandela imibandela yesekhula namba 29 ka-2025, ekubeka kucace ukuthi kumele amathishela akucikelele ukuthi asebenzisa ulwazi lwezemfundo ngendlela eyiyo futhi baziphathe ngendlela egunyazwa ilesekhula (KZN Circular No 29 of 2025).
Uqhube wathi esitatimendeni , uphenyo mayelana nalezinsolo luyaqhubeka futhi ziqhutshwa isiFunda iLembe , okothi uma seluphothuliwe uphenyo , bese kuhanjiswa izincomo emnyangqweni wezeMfundo esiFundazweni saKwaZulu-Natal.
Uthe esitatimendeni, umnyango uzothatha izinyathelo ezinqala uma lezi zinsolo kutholakala ukuthi ziyiqiniso.
Uphinde wakugcizelele esitatimendeni , ukuthi izikole kumele zibe indawo ephephile futhi azingeni ezindabeni zombangazwe.