NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi, usishayele ihlombe isinqumo seNkantolo ePhakeme yasePietermaritzburg sokuvuna Amakhosi ngelungelo lawo lokulawula umhlaba kanye nezimbiwa (resources),ezingaphansi kwemihlaba yawo
Kubikwa ukuthi kuke kwaba nenxushunxushu phakathi kwe-Richards Bay Mining (Pty)Ltd, Richards Bay Titanium (Pty)Ltd, kanye naMakhosi okubalwa kuyo eyakwa Mkhwanazi, Dube, Mbonambi kanye neyakwaSokhulu, kubangwa umhlaba, nokunganyelwa kwawo.
“Lesi sinqumo sikubeke kwacaca ukuthi Amakhosi anelungelo eligunyazwe ngumthetho , ukuthi bayayilawula imihlaba yawo,”kusho uMfu Buthelezi.
Uthe esitatimendeni , isinqumo seNkantolo ePhakeme , siphinde sakuveza ukuthi Amakhosi yiwona ahola ukuthuthukiswa kwemihlaba yawo ,futhi kumele azuze (beneficiaries), uma kuthuthikiswa izindawo ezingaphansi kwawo kwezomnotho, futhi angeke baqheliswe ezindaweni zi mayini, emihlabeni engaphansi kwabo.
“Ï-Nkantolo ePhakeme yase Pietermaritzburg, isichithe nezindleko isicelo sezimayini sokuthi izimayini zibe nezimvume zokuwheba (trust deeds) , emhlabeni engaphansi kwaMakhosi, ngaphansi kwesiGaba 13 soMthetho olawula ukuphathwa kwemihlaba , ka-1998 (Section 13 of the Trust Property Control Act, 1998,”kusho yena.
Uthe esitatimendeni, lesi sinqumo sikubeka ngokusobala ukubaluleka kwaMakhosi , ezindabeni ezithinta ukulawulwa konhlaba, ukuwusebenzisa kanye nezimbiwa ezitholakala emhlabeni owakhelwe izizwe zaMakhosi.
Uqhube wathi esitatimendeni,lesi sinqumo senkantolo sixazulule ubutha obebudalwa izimayini (RBM) , ebeziphinde zisabise Amakhosi emihlabeni yawo, kanti futhi lesi sinqumo sikucacisile ukuthi Amakhosi iwona aphethe imihlaba kanye namalungelo ezimbiwa ezikhona emihlabeni engaphansi kwawo.
“Kubalulekile kakhulu ukuthi izimayini ziwahloniphe Amakhosi futhi ziwanikeze ithuba lokulawula izindawo ezingaphansi kwawo kanye nezimbiwa ezikhona,”kuqhuba uMfu Buthelezi , esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni, lokhu akugunyaziwe ngumthetho kodwa kuyisidingo nqangi sokuthi Amakhosi ayohlonishwa , kwakhiwa ubumbano kanti futhi lokhu kugcizelela ekutheni zonke izinhlaka ziyahlomula emnothweni wezindawo okubalwa kuzo izakhamizi kanye nezinkampani ezihweba kule zindawo ezingaphansi kwaMakhosi.
Uphethe ngokuqinisekisa ukuthi zonke izinhlaka zizibophezele ekusebenzisaneni namakhosi kanye nezakhamizi.