LIPHUME nobomvu emphakathini wakwaVuyiza, Mazicentela naseNtababomvu kwethula uhlelo lokufakwa amanzi oluzodla isamba sika-R34 million.
Lolu hlelo olwethulwa uMasipala wesiFunda uMzinyathi luhlanganisa ukufakwa kwamapayipi, amathange amabili nompompi abazimele abaxhunywa emphakathini abawu-135 . Imeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi uAld PMS Ngubane ithi lamanzi uzofakwa kulezi zindawo azobe esephuzwa ngoKhisimuzi wangonyaka ozayo.
“Lamanzi esiwethula namhlanje alandelwa esiwathule eThelezini adle isamba sika-R16. 4 million, sadlulele kwaNyezi sashiya uR15 million wokufaka amanzi.
Sisuke lapho saya eNtinini safaka amanzi adle isamba sikaR18. 5 million.
Lamanzi engikhuluma ngawo ethulwe kulo masipala waseNquthu kuphela uMsinga unawawo amanzi esiwethule ezindaweni ezahlukene okubalwa koPharafini nezinye izindawo,” kusho iMeya.
UMnu Phangi Mbuyisa oyisakhamizi uthi liphume nobomvu amanzi bebewaphuza nezimbongolo. Amanzi njengoba esezongena emakhaya sesizokwazi ukutshala njengoba nokudla kubiza kangaka.
“Sibonga kakhulu uMeya Ngubane ngokusifakela amanzi, Siyethembisa ukuthi nathi siwumphakathi sizosebenzisana nosonkontileka ukuze lo msebenzi uphele ngesikhathi , “kusho uMnu Mbuyisa.
Imeya iqhube yathi umsebenzi wamanzi eNhlopheni, Ntinini,Thelezini eNquthu uyaqhubeka Endaweni yaseMsinga eNkubungwini , Ogunjani, Mthembu West ziyaqhubeka izinhlelo zokufaka amanzi.
IMeya iphethe ngokunxenxa umphakathi ukuthi usebenzisane nosonkontileka ungaphazamisi uhlelo lokufakwa kwamanzi ngoba lezi zinyanga eziwu-12 sizoshaya zedlule uma usonkontileka ephazamiseka amanzi engafikile kubantu.