UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka uthe esitatimendeni sekusele izinsuku eziwu-100, ziqale izivivinyo zokuphela komnyaka zikamatikuletsheni phecelezi National Senior Certificate (NCS). Uthe lokhu kuzyizonkomba zokuthi umatikuletsheni wakulonyaka ubhekene nenselelo enkulu ngalezivivinyo zokuphela konyaka eMzansi wonkana. Uqhube wathi njengoba sekusele lezinsuku ukuba kubhalwe unxusa ukuthi abafundi , abagqugquzeleke baphinde bazibophezele ukuthi babhekana nezifunda zabo futhi batadishe mawala kunakuqala. Uthe kumele bakuqinisekise ukuthi babuka izikhathi zokubhala kabanzi (follow study time table). Uqhube wathi ngifisa ukukhumbuza abafundi ikakhulukazi balapha esiFundazweni i-KwaZulu-Natal, ukuthi izivivinyo zizoqala mhlaka 21 October 2024, ngesiNgisi ekuseni bese kuba isiBhunu ntambama. Ube esefisela bonke abazobe bebhala inhlanhla, wathi bazimisele kakhulu emva kokuhlala iminyaka ewu-12, ebehlezi edesikini befunda, wathi abaqinise ezifundweni zabo.