NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi , ushayele ihlombe oMasipala abakwazile ukusebenzisa kahle izimali abebexhaswe ngazo nguhulumeni ezaziwa ngokuthi i-Municipal Infrastructure Grant (MIG).
Kubikwa ukuthi labo Masipala abayisebenzise kahle le mali yomxhaso uhululmeni uphinde wabangezela ngesamba sika R30 million, ukuba baqhubeke ngokuphucula izimpilo zezakhamizi.
“Kukhona oMasipala abayisebenzise kahle imali yomxhaso i-MIG esifundazweni saKwaZulu-Natal kanti futhi kukhona nalabo abangayisebenzisanga kahle,” kusho uMfu Buthelezi.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni, laba abayisebenzise ngendlela imali baphinde baxhaswa ngesamba semali esingu-R30 million.
Uqhube wathi esitaimendeni , bonke laba oMasipala abaphinde bahlomula kulo xhaso lwezimali ilaba abakuqinisekisile ukuthi izidingo zabantu zihanjiswa ngendlela , okubalwa kuzo ukwakhiwa kwemigwaqo, ukuphucula amanzi kanye nezenhlanzeko.
Uthe esitaimendeni , lolu xhaso kuhloswe ngalo ukuphucula ukuhanjiswa kwezidingo kwizakhamizi.
Uthe ngibonga laba oMasipala abalandelayo abayisebenzise kahle imali abaxhaswa ngayo baphinde bangezelwa.
* uMgungundlovu District Municipality: R10 million
* Zululand District Municipality: R6 million
* Ulundi Local Municipality: R3 million
* Okhahlamba Local Municipality: R1.5 million
* Greater Kokstad Local Municipality: R7 million
* uBuhlebezwe Local Municipality: R1.5 million
* uMzumbe Local Municipality: R1.5 million
Uphethe ngokugqugquzela ukusetshenziswa kwezimali zomphakathi ngendlela , ukuze kuphuculwe izimpilo zezakhamizi zaKwaZulu-Natal, kanti futhi lezi zimali zizolandelelwa ukuthi zisetshenziswa ngendlela.