NGUNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi , uzobe ezokwethulwa uhlelo lokuqwashisa izakhamizi ngezinhlekelele ezidaleka ebusika.
Kubikwa ukuthi lolu hlelo lokuqwashisa (Winter Disaster Awareness Campaign), luzoba ngoLwesihlanu (kusasa) eZamokuhle Creche, eMhambuma Area, eMandeni, ngo 9 ekuseni.
Uthe esitatimendeni , njengoba ubusika sebusemome , kuzokhumbuleka ukuthi lesi siFundazwe saKwaZulu-Natal , sike sakhahlanyezwa izinhlekelele zasebusika, okubalwa kuzo imililo yequbula, iqwa, imimoya enamandla kanti okuyinkinga enkulu ukubaswa kwezimbawula kwabahlala ezindaweni ezingahlelekile (infornal settlement), kwesinye isikhathi lezi zimbawula zigcine zindlule emhlabeni nemiphefumulo , ngoba izakhamizi zilala nezimbawula ngenhloso yokuzifudumeza.
“ Lezi zinhlekelele zishiya kukhalwa ezindaweni eziningi njengoba kucekeleka phansi izindlu, izitshalo kanye nokulahleka kwemiphefumulo,” kusho yena.
Uthe esitatimendeni , umnyango nabezezinhlekelele (Provincial Disaster management Centre), oMasipala kanye nezinye izinhlaka sizobe sihola lomkhankaso wokuqwashisa ngezinhlekelele ezidalwa ngubusika.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ngoFebhuwari kwenziwa isivumelwano sokusebenzisana (Memorandum of Understanding), nezinhlaka ezahlukene ukuze kuqwashiswe izakhamizi ngezinhlekelele ezidalwa ngubusika.