NGU CERNELINE Louw.Isithombe.SITHUNYELWE
IZISEBENZI zomphakathi (Community Workers),zisebenza ngaphandle kokubheka inzuzo futhi zisebenza emphakathi njengamavolontiya,” kusho uNksz Cerneline Louw osebenza ehhovisini i-De Doorns GG Camp, e -Western Cape (Non Governmental Organisazition) phecelezi NGO,.
UNksz Louw uthe esitatimendeni ,isisebenzi somphakathi ngumuntu ovolontiyayo, osebenza engabheke nzuzo, ngenhloso yokuletha ushintsho ezimpilweni zabantu nokubahlomisa ngolwazi aphinde abathuthukise.
Kwesinye isikhathi akubalulekile ukuthi uma usebenzela umphakathi ungene umuzi nomuzi, njengoba bona benamahhovisi eDe Doorns, kanti futhi nezakhamizi ziyabazi ukuthi bangobani futhi basiza ngani.
“Izisebenzi zomphakathi zingenelela noma zenza okuningi kwizakhamizi ukuze kwakhiwe izakhamizi ezinamandla futhi ezibamba iqhaza elikhulu emiphakathini ezihlala kuyo,” kusho yena.
Uqhube wathi angakusho ngokomsebenzi wezisebenzi zomphakathi ukuthi zisebenzela umphakathi futhi zibeka phambili izidingo zomphakathi. Zinothando lokusebenza nezakhamizi ngaphandle kokubheka inzuzo.
Uthe esitatimendeni, iningi lezi sebenzi zomphakathi zisebenzela izinhlangano ezizimele ,futhi ezingenzi nzuzo (NPO and NGO).
“Kubalulekile ukuba nabasebenza ngokuzinikela , ukuze kugwenye izinselelo ezenzeka ezakhamizini futhi ngoba lezi zisebenzi ziyakuqinisekisa ukuthi ziyaphuculwa izimpilo zabantu,” kusho uNksz Louw.
Uqhube wathi esitatimendeni, izisebenzi zomphakathi , zidlala indima enkulu ekulekeleleni izakhamizi ngokuningi okubalwa kuko ukubahambisela amaphilisi kulabo abadla amaphilisi embelesela (chronic disease), baphinde bangenele imizi babheke inhlalonhle yezakhmizi bese bexhumana nezinhlaka ezifana nosonhlalakahle nezinye ezikhona.
“ Baphinde baluleke kakhulu izakhamizi ngokuthi uma zibhekene nezinqinamba kumele ziye kuyiphi iminyango ukuze zisizakale,” esho.
Uthe esitatimendeni, azikho izifundo ezithize noma iziqu ezithile ezidingekayo ukuze uzinikele ekusebenzeleni umphakathi.
“ Lokhu kuphuma enhliziyweni nasethandweni lokusiza umphakathi,” kusho uLouw, eqhuba ethi umuntu onothando uyafunda ukuthi iziphi izidingo zezakhamizi ahlala nazo.
Uthe esitatimendeni, laba abasebenzela umphakathi bengabheke nzuzo batholakala ezinhlanganweni ezingenzi nzuzo, kohulumeni basekhaya nasemnyangweni wezempilo.
Uphethe ngokuthi kwesinye isikhathi kuyaye kudingeke ukuthi ube neziqu zemfundo ephakeme bese uba nesipiliyoni sokuvolontiya, uphinde ube nolwazi lokuxazulula izinkinga uphinde ube nentshisekelo nothando lwalowo umsebenzi wokusebenzela umphakathi, uma ufuna ukuthola lo msebenzi.