KUNGENKATHI bekunomhlangano wokucobelelana ngolwazi.Isithombe. SITHUNYELWE
UBE yimpumelelo umhlangano wokucobelelana ngolwazi obekuhloswe ngawo ukuqhamuka namasu okongiwa nokugcinwa kwamanzi ukuze asabalalaliswe kubantu abakhele uMasipala wesiFunda saseMajuba.
Ibamba leMeya yoMasipala wesiFunda saseMajuba, uMnuz Thembelihle Mthembu, ubebize ukhukhulela ngoqo womhlangano obubanjelwe e-Farmers Hall, lapho bekumenywe amakhosi angaphansi kwesifunda saseMajuba esihlanganisa iDannhauser, iNewcastle neMadlangeni (Utrecht), nosomabhizinisi abehlukene abangaphansi kwalezi zindawo, ngenhloso yokuzocobelelana ngolwazi ngokongiwa kwamanzi.
Beziyingxenye yalo mhlangano nezimeya ezintathu zomasipala abangaphansi kwesifunda saseMajuba, okunguMeya waseNewcastle uMnuz Xolani Dube, uMnuz Bongani Radebe waseDannhauser, noMnuz Mzwakhe Buthelezi waseMadlangeni.
Ngaphambi kwalo mhlangano uMnuz Mthembu wayekubalulile esitatimendeni ukuthi lesi sifunda sibhekene nenselelo yokushoda kwamanzi ngenxa yokwanda kwesibalo sabantu abakhele lesi funda, nokwebiwa kwengqalasizinda, enye yaleyo ngqalasizinda esindala, kanye nokuxhunywa kwamapayipi amanzi ngokungekho emthethweni okudala ukuthi agcine esevuza.
“Ngibone kubalulekile ukuba ngibize lo mhlangano wokucobelelana ngolwazi ukuze kuqhanyukwe nesixazululo kulenkinga yamanzi esibhekene nayo.
Singumkhandlu sikubone kubalulekile ukuthi sitshale kakhulu imali kwingqalasizinda, siphinde siqikelele ukuthi amanzi awamosheki ngokuvuza kwengqalasizinda endala. Bese sigqugquzela ukongiwa kwamanzi ukuze sibe nawo isikhathi eside.
Okunye esikubone kuzosisiza kakhulu ukugubha ompompi abazodonsa amanzi phansi, siphinde siqinisekise ukuthi namanzi emvula siyawasebenzisa ukuze sihlale sinamanzi isikhathi eside.
Ukongiwa kwamanzi kuyinto ebalulekile kakhulu nokuwasebenzisa ngendlela eyiyo nehlanzekile,” kusho uMthembu, ophinde wabalula ukulungiswa kwamaloli abehambisa amanzi kubantu njengesinye sezixazulula enkingeni yamanzi kulesi sifunda.
UMnuz Dube, obuye abe nguSihlalo weSouth African Local Governent Association (SALGA) KwaZulu-Natal, uthe iziphathimandla zomasipala kumele ziqinisekise ukuthi amanzi ayongiwa nengqalasizinda iphathiswa okwezikhali zamaNtungwa.
“Impilo yezakhamizi yiyona ebaluleke kakhulu, futhi thina njengoMasipala waseNewcastle sibeka yona phambili.
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi omasipala babhekene nezinselelo zokushoda kwamanzi. Ngisho noMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke, kanjalo noMnyango wezokuMbiwa phansi, nabo babhekene nezinselelo zokushoda kwamanzi.
Ngakho sinxusa zonke izinhlaka ezikhona zibambisane ukuze kuphakelwe izakhamizi amanzi ahlanzekile ngendlela eyiyo,” kusho uDube, obonge kakhulu isiphehli manzi, uThukela Water ngokuqinisekisa ukuphakelwa kwamanzi ngendlela.
“Kubalulekile ukuthi sibe nombono owodwa ofanayo kanye namasu aphusile ukuthi siwonga kanjani amanzi,” kulanda uMeya waseNewcastle uKhansela Dube.