UKWENTULEKA kwamanzi ezindaweni ezingaphansi kukaMasipala wesiFunda uThukela kubukeka sekuzoba ngcono ngemuva kokuba uMnyango wezoBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, unikekele ngamaloli azophakela amanzi kulo masipala.
Lokhu kuqinisekiswe nguNgqongqoshe walo mnyango, uMfu Thulasizwe Buthelezi esitatimendeni, othe amaloli amabili umnyango wakhe onikele ngawo azophakela amanzi angama-litha angu-12 000 iloli ngalinye.
Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sifunda sasoThukela sibalwa nalezo ezibhekene nengwadlaa yokusweleka kwamanzi esifundazweni saKwaZulu-Natal.
“UNgqongqoshe uMfu Buthelezi wemukelwe yiMeya kaMasipala wesiFunda uThukela, Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala, neMeya kaMasipala wase-Alfred Duma, uKhansela Zama Sibisi,” kusho isitatimende esithunyelelwe abezindaba.
Lesi sitatimende siqhuba sithi lokhu kuzosiza lo masipala ngokuthi ukhululeke ngokungasebenzisi imali ngoba la maloli anikelelwe ngawo mahhala ngaphandle kokukhokha imali.
Lokhu kunikelwa kwamaloli kuyinto ezosiza kakhulu ngoba kunezinhlelo zokuthi lo masipala wakhelwe ingqalasizinda yamanzi yesikhathi eside. Ungqongqoshe uMfu Buthelezi uzovakashela lo masipala wasoThukela manje ekuqaleni kukaNovemba njengoshampeni wakulo masipala ngaphansi kohlelo olwaziwa nge-District Development Model (DDM), kanti futhi ngenkathi ezobe evakashele kuwona uzobe enohlelo lokuhambisa noxhaso oluzokwelekelela lomasipala ukuthi uphakele izakhamizi amanzi ngendlela eyiyo.
“Nginohlelo lokuthi laba abaklama imingcele bamemezele ukuthi idolobha uMnambithi elingaphathi kukamasipala i-Alfred Duma limenyezelwe njengodolobha elikhulu (City), ukuze nalo libalwe njengamanye amadolobha amakhulu,” kuqhuba uButhelezi esitatimendeni, ophethe ngokuthi leli dolobha laseMnambithi kumele lithole uxhaso ukuze likwazi ukunakekela izakhamizi zalo ngamanzi ngaphandle kwezinselelo.