UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi usememezele ukuthi , umnuango awubhekile ubambisane nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo i-Old Mutual , The Red Cross, Al Imdaad Foundation kanye ne Themba Njilo Foundation , bazokwakhela izakhamizi zase Ophiyaneni, kwaNongoma izindlu eziyisishiyagalolunye (9), ezikhahlanyezwe izimvula ezinamandla.
Kubikwa ukuthi lesi simemezelo senziwe nguMfu Buthelezi emva kokuba bekuhlolwe umonakalo odalwe zimvula ezinamandla ngoLweihlanu , kuyo lendawo yaso Ophiyaneni, nakwezinye ngaphansi kukaMasipala uNongoma.
UMfu Buthelezi uthe esitatimendeni , umndeni wakwaMbatha uwelwe izindlu ezintathu ngenkathi kuhlasela lezi zimvula ezinamandla, kanti nezinye izikhamizi zibe zisulu zalezimvula.
Kuphinde kwavela ukuthi uMfu Buthelezi ubephelezelwa nguMeya waKwaNongoma uKhansela Mshangane Ndabandaba kanye nokhansela wakuMasipala i-Zululand uKhansela Khumalo.
Uthe esitatimendeni , lezi zinhlaka i-Old Mutual, Red Cross, Al Imdaad Foundation kanye neThemba Njilo Foundation , bakuqinisekisile ukuthi bazokwakha izindlu eziyisishiyagalolunye (build 9 houses), kulabo abakhahlamezekile futhi abantula izindawo zokufihla ikhanda.
“Siphinde sanikezela ngezinsiza emindenini engu-100 ngaphansi kuka Masipala waKwaNongoma ekhahlanyezwe zimvula ezinamandla,” kusho uButhelezi.
Uthe esitaimendeni, kungumsebenzi wethu ukuthi siqinisekise ukuthi izakhamizi zihlala ziphephile hhayi njengoba sesifika sekudaleke umonakalo, yingakho sihlale sikhipha izexwayiso uma kuqagulwe izimvula ezinamandla.
“ Siphinda sindlulisa ukubonga okukhulu kulezi zinhlaka ezisilekelelayo ekubuyisweni kozinzo ezakhamizini zethu,” esho, eqhuba ethi , ukwakhiwa kwalezi zindlu kuzokwenza umahluko omkhulu ikakhulukazi kulabo abasale dengwane kuhlasela lezi zimvula.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, sizobuya sesizonikezela ngokusemthethweni izindlu kulabo abazohlomula ngazo.