UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, ebambisane ne-Provincial Executive Council, eholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube kanye noMnyango we-Agriculture and Rural Development, esiFundazweni, bazokwethula uhlelo lobaluleka kokutshala esiFundeni King Cetshwayo, namuhla. UNkk Sithole-Moloi , uthe bahlose ukugqugquzela ukuthi abantu bazitshalele , babe nezingadi kanye nokubaluleka kwezolimo. Uthe ezolimo zibaluleke kakhulu ekuvulweni kwamathuba omsebenzi, kuphinde kukhuliswe ngako umnotho wase South Africa. Okhulumela uMnyango osubalulwe ngenhla ukuvezile esitatimendeni asithumelele leli phepha ukuthi uNgqongqoshe Sithole-Moloi , uzobe ephelezelwa ngabaholi bendabuko, Amakhosi, oNdlukulu, Izinduna kanye nabaholi bakamasipala baseKing Cetshwayo. Uqhube wathi uNgqongqoshe Sithole-Moloi , uzophinde ahambele amaprojekti akhona kulesiFunda esibalulwe ngenhla, kuphinde kunikezelwe ngezingadi zomphakathi, amathuluzi ezolimo, baphinde bagqugquzele umphakathi ukuba ube nezingadi emakhaya ukuze bazikhiqizele ukudla kwabo emakhaya, babe nezimakethe zabo. Uthe yisikhathi sokulima lezi yingakho abantu kumele batshale izivande zabo. Lolu hlelo lubanjelwe ezinkundleni zemidlalo Isigidi Sportsfield, eNgwelezane, eWadi 7 ngaphansi kukamasipala Umhlathuze Local Municipality.