NGUNGQONGQOSHE uMnuz Sipho Hlomuka.Isithombe.SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ugxeka abezindaba ngokusabalalisa izindaba ezingamampunge , ezithi ayikho imali yokuholelwa kothisha.
Uthe esitatimendeni, ngifisa ukukucacisa lokhu ukuthi amathishela abaluleke kakhulu kuhulumende nakuwo umkhakha wezemfundo kuzwelonke, yingakho amathishela ezohlala eyithola imihlomulo yawo nyanga zonke.
“ Amathishela abaluleke kakhulu esiFundazweni saKwaZulu-Natal nakuzwelonke yingakho nezinga lokuphasa kwabafundi bakamatric lihlale likhula ngaso sonke isikhathi,” esho.
Uqhube wathi esitatimendeni, singumnyango wezemfundo asihambisani nalezi zinsolo eziphazamisa izimpilo zamathishela, futhi siyasigxeka kakhulu lesi sigameko sokusabalaliswa kwamampunge ngamathishela ukuthi angase angayitholi imihlomulo yawo yanyanga zonke.
“Lokhu akukaze kwenzeke futhi ngeke kwenzeke , njengoba sisebenzisana nezinyunyana kanye nesibaqashele ukuhlelwa kokuphathwa komnyango (strategic plan),” kusho uHlomuka , eqhuba ethi, sisazoqhubeka ngokuholela amathishela nyanga zonke
Uthe esitatimendeni, siyaqhubeka nokuletha imfundo engcono ebantwaneni futhi sibanika namakhono asezingeni eliphezulu.
“Sifisa ukuxwayisa abezindaba ukuthi bakuqinisekise ukuthi uma bezwa amampunge bathintane nomnyango ngaphambi kokuba bashicilele okungeyikho abakuthola kubantu abangasebenzeli umnyango futhi abangagunyaziwe ukuthi bakhulumele umnyango,” kusho uHlomuka.
Uphinde wanxusa amalunga omphakathi kanye nabezindaba ukuba beze mhlaka 29 Ephreli 2025, uma sekwethulwa isabelo mali somnyango ukuze nabo bazoveze owabo umbono, ngoba umnyango uzobe uzocacisa ukuthi izinhlelo zawo zixhaswa kanjani.