ENYE yezindlu ezicekeleke phansi kuhlasela izimvula ezinamandla.Isithombe. SITHUNYELWE
UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal usujube abezimo eziphuthumayo, ukuthi bame ngomumo njengoba kulindeleke izimvula ezinamandla nezihambisana nokuduma kwezulu, ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe ikakhulukazi lezi ezisogwini.
Isitatimende esikhishwe nguMnu Senzelwe Mzila, okhulumela i-Cogta esifundazweni saKwaZulu-Natal sithi:”Kulindeleke izimvula ezinamandlaezihambisana nokuduma kwezulu, ezikusigaba sesine (level 4), ngoLwesihlanu (namuhla), kanti abantu bayacelwa ukuthi bahlale ezindlini njengoba lezi zimvula ziyingozi.
“ Lezi zimvula sezivele seziphazamisile njengoba kucekeleke phansi imizi emibili eMlazi eWard 85, eThekwini, okuholele ekutheni izakhamizi zisale dengwane futhi ziphuthunyiswe esibhedle.
“Akulimalanga muntu ngenkathi izindlu ezimbili zicekeleka phansi ngenxa yezikhukhula kodwa abantu abahlanu baphuthunyiswe esibhedlela,” esho.
Uthe esitatimendeni:”UNgqongqoshe wakwaCogta uMfu Thulasizwe Buthelezi usefisele laba abalimele ukuba basheshe balulame.”
Izindawo ezihlonzwe njengezingakhahlamezeka kakhulu yilezi zimvula yiBig Five Hlabisa, Hluhluwe, eThekwini, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mtubatuba, Ndwedwe, Ray Nkonyeni, Umdoni, Umhlabuyalingana, uMhlathuze, uMlalazi, kanye noMzumbe.
UMfu Buthelezi esitatimendeni ube esenxusa izakhamizi ukuba zingathathi uhambo olungenasidingo ikakhulukazi ezindaweni ezimaphansi.
“ Abashayeli bezimoto bayaxwayiswa ukuba bashayele ngokucophelela futhi baqinisekise ukuthi amalambu akhanyisa ngokuphelele, futhi akhanyisa nasendaweni ekude,” esho.
Uphinde waxwayisa izakhamizi ukuba zingayiweli imfula uma igcwele kanye nokuwela emihosheni enezikhukhula.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , uma izakhamizi zibona amanzi engena ezindlini , kumele ziphume zibaleke noma zishayele abezimo eziphuthumayo.