AMAPHOYISA aKwaZulu-Natala anxusa noma ngabe iliphi Ilunga lomphakathi elingaba nolwazi lomsolwa uLinda ‘MJINJA AKA PUTIN Hlongwa , othungathelwa ukuba nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Kuvelile ukuthi uHlongwa waboshwa mhlaka 20 july 2020 waboshelwa ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu etaladini Ukuthula, eSt Wendolins , eMariannhill. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda,uthe uHlongwa waboshwa mhlaka 20 july 2020, emva kokuba atholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uqhube wathi uHlengwa wakhishwa ezitokisini kusalindeleke imiphumela yokuhlonzwa kwesibhamu kodwa kwathi uma esebizelwa enkantolo isikhona imiphumela yesibhamu, wawushaya indiva umlayelo wenkantolo.Uthe uHlongwa lona ubizwa ngalamagama ‘MJINJA noma Putin, kanti futhi ufunakalela amacala amaningi okufuna imali ngenkani kosomabhizinisi khona eMariannhill. Uthe incwadi egunyaza ukuba aboshwe uHlongwa ikhishwe iNkantolo kaMansthi wasePinetown Mhlaka 9 September 2024. Uphethe ngokuthi amaphoyisa anxusa noma ngabe ngubani ongazi ukuthi angatholakala kuphi uLinda Hlongwa ukuba axhumane noma ashayele umphenyi wecala uSgt Gwala kulezinombolo: 079 889 9733 noma kucrime stop number 08600 10111.