UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal, usukhiphe isimemezelo sokuthi uzokhokhela izinsiza kufunda, nokufundisa (Learning and Teaching Support Material), kuma akhawunti ezikole, ezokwenza ukuthi othishanhloko bakwazi ukukhokhela labo abazobe beletha lezinsiza kufundisa (service providers). Okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla uMnu Muzi Mahlambi, uthi lezinsiza kufunda zizokwenza ukuthi ukufunda nokufundisa kube yimpumelelo, futhi kuqale ngosuku lokuqala mhlaka kuvulwa izikole mhlaka 17 January 2024. Uthi inxenye yezidingo nqangi kuzoqinisekiswa ukuthi iba khona ezikoleni ukuthi kuthi kuvulwa izikole kusetshenzwe ngaphandle kwezihibe. Uthe lenkokhelo noma lemali izofakwa emabhange mhlaka 16 January 2024, kwephezulu. Uphethe ngokuthi okuningi kudala kwafika ezikoleni.