YILABA abahlonishwe ngamagalelo abo kwezemfunda kwisiFunda Amajuba , obelwenziwe isekethe yaseDannhauser.
BEKUNEMIKLOMELO yezitifiketi, izindondo, imali nezipho kubobonke abenze kahle emkhakheni weZemfundo kwisekethe yaseDannhauser, ngonyaka ondlule. Kuvelile ukuthi abebehlinishwa bebehlonishelwa ukusebenza ngokuzimisela emkhakheni weZemfundo. Kuvelile ukuthi bebephinde bagqugquzelwe ukuthi baqhubeke ngomsebenzi omuhle abawenzela isizwe, futhi bakwenze lokho ngokuqhudelana ukubeka imfundo yomuntu omnyama phambili. UMenenja noMhloli omkhulu wakusekethe yase Dannhauser u<nu Scelo Mkhize uthe bengumnyango baqhakambisa imfundo phambili, nokuncoma kakhulu bonke ababamba iqhaza ekthuni kubekwe phambili isiko lokufunda nokufundiswa. Uthe ugqugquzela bonke abakulomkhakha wokufundisa nokufindiswa ukuba kubanjiswane kwakhiwe ikusasa lwabantwana ngoba imfundo iyisikhiye esivula nanoma yimuphi umnyango okhona ezweni. Uqhube wathi abebeklonyeliswa bebeklonyeliselwa imikhakha ehlukahlukene okubalwa kuwo asebesebenze iminyaka evile kwewu-30, izikole eziphase ngamaphesenti awu-100, abafundi abaphase ngamalengiso (distinctions), abaphase ngamabhatshela (bachelor pass rates), abenze kahle ezifundweni ngasinye, izikole ezihlanzekile, ezihloniphayo nezigqugquzela kanye nezinezingadi eziqhuba kahle, abafundi abakwazi ukumela lesifunda kwezesipelingi (Spelling B), kanye nakho konke okumayelana nokufunda nokufundiswa kwabantwana. UMnu khize uthe ibhodwe linemilenze ewu-3, kuba umfundi, umzali kanye namathishela okumele kubanjiswane ukuthi ngaso sonke sonke isikhathi lemilenze ime kanje ukuze kuphuculwe noma kuqhutshe isiko lokufunda nokufundiswa (teaching and learning). Uthe ngaphandle kwalezinhlaka ngeke kubekhona impumelelo wagqugquzela ukuba kubamjiswane nazo zonke izinhlaka kanye nabaxhasa ekubetheni kufundiswe isizwe. Emikhakheni ebukuklonyeliswa kuwo kubalwa eyezikole eziphase nagmalengiso ngokuthola amaphesenti awu-100, ezithole asondelene nalawo, othisha bezifundo ezahlukene abaphasise izingane ngamaphesenti awu-100, njalo njalo kodwa okubalulwe kakhulu ukuthi akugqutshekwe kufundiswe izingane zomphakathi. Uphinde waphakamisa isikole esibalulekile kakhulu ebesinganegasesi kodwa sakwazi ukuthola imiphimela ewu-100, kusukela ngo-2018 kodwa sangenza kahle ngonyaka ondlule. Uphethe ngokuncoma bonke ababambe iqhaze kwezemfundo okamacingwane wathi akubanjiswane. Uncome kakhulu nethimba ebilihlela lomcimbi ukuba ube yimpumelelo.