INHLANGANO yezokugembula i-Hollywood Foundation isibeke eceleni isamba semali esingu-R2.3million ezosiza ekululekeni abagembuli ukuba bagembule ngobuqotho noma bakwazi ukuyeka uma sekufanele bayeke.
Kubikwa ukuthi le nhlangano i-Hollywood Foundation ibambisene neSouth African Responsible Gambling Foundation (SARGF), babeke imali engu-R2.3million yokululeka abagembuli (counselling) kanye nokufundisa ngezokugembula.
Okhulumela le nhlangano uVuyisile Ngobese uthe esitatimendeni , i-nhlangano yezokugembula i-Hollywood Foundation ibambisene ne SARGF sebebeke eceleni isamba semali esingu-R2.3 million yokululeka abagembuli ukuba bagembule ngobuqotho futhi bafundiswe ukuthi bame uma sekufanele bayeke ukugembula.
“ Lokhu kuhambisana nesiqubulo esithi Taking Risks Wisely Programme, okuwuhlelo lokuqwashisa nokufundisa abagembuli ngokugembula kanye nokufundisa intsha ukuba ithathe izinqumo esiphusile kanye nokungazimbandakanyi kwezokugembula isencane,” esho esitatimendeni , eqhuba ethi , akumele bagembule besebancane (intsha).
Uthe esitatimendeni, sihlose ukuthi lolu hlelo silufake emagumbini okufundela (classrooms), kwizakhamizi kanti futhi sinongoti abazohambela lonke elakuleli beqwashisa abantu ngezokugembula.
Uqhube wathi esitatimendeni, lolu hlelo sekungunyaka wesithathu selokhu lwasungulwa ,kanti futhi sihlose ngalo ekutshaleni kumakhansela amahlanu azoqhuba lo msebenzi wokukhansela aphinde aqwashise abagembuli.
“Njengoba sesikunyaka wesithathu ngalolu hlelo sesinenombolo yokusiza (helpline), kanti sesihlonze izikole ezingamashumi ayisishiyagalombili nantathu (83 schools), esizoqala sizihambele ngenhloso yokuyoqwashisa ngezokugembula kulonyaka u-2025,” esho esitatimendeni , eqhuba ethi, kuleziFundazwe ezimbili i-Eastern Cape neNorthern Cape sesiluqalile lolu hlelo lokuqwashisa ngokugembula ngobuqotho.
Uthe esitatimendeni, ngonyaka u-2023 , saqala ngokusungula ukulekelelwa emazingeni aphansi (foundational support).
“ Kuloyonyaka uxhaso lwalubhekiswe emakhanseleni aqashwe ngokuphelele (full-time counsellors), savula nohlelo lokusiza (helpline), okwaholela ekutheni sisize abangu-119 , abebenenkinga yezokugembula kwathi abangu-952, sabayisa kumakhansela (referrals), ukuba bayothola izeluleko.
“ Lwakhula kakhulu lolu hlelo ngonyaka ondlule u-2024, njengoba sase sinamakhansela amabili sasiza abangu-355 kwathi abangu-2 848 bona bathunyelwa kumakhansela,” kuqhuba yena.
Uthe esitatimendeni , umkhankaso i-The Taking Risks Wisely wabe usuwethulwa ezikoleni ezingamashumi ayisikhombisa nambili (72 schools), kuzo zonke izifundazwe eziyishiyagalolunye, lokhu kwenza ukuthi sifinyelele ebafundini abangu-75 360 namathishela angu-2 461.
“ I-KwaZulu-Natal, Gauteng kanye ne Western Cape izona zifundazwe ezakhombisa ukuba nesibalo esiphezulu kakhulu kubantu ababa yingxenye yalolu hlelo.
“Inhlangano Hollywood Foundation izibophezele ekutheni izakhamizi ziyafundiswa noma siyalulekwa ngezokugembula futhi kuyangenelelwa ezinganeni ezisencane ukuthi zingazitholi sezibhekene nalenkinga yokugembula.
Uphethe ngokuthi ukugembula ngobuqotho ikona esikugqugquzelayo futhi siyaqinisekisa ukuthi abantu sihlale sibaqwashisa ngakho ukugembula ngobuqotho.
UMqondisi we South African Gambing Foundation uSibongile Simelane-Quntana uthe esitatimendeni, sibonga ubambiswano esiluthole kulenhlangano i-Hollywood Foundation okusenze sakwazi ukusungula i-The Taking Risks Wisely Schools Programme, ukuze siqwashise abafundi ukuthi abavumelekile abaneminyaka engaphansi kweyishumi neshiyagalombili ukuba bagembule.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ukuqwashiswa kwabantwana abaneminyaka engu-18 kwenziwa ngaphansi kweso lo mzali, ukuze bangezi ukuqala ukugembula besebancane.