NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Butheleziz esithombeni esingenhla esingezansi kodaba Induna yakwaPhindangene edutshulwe yabulawa uMnu Sibongiseni Wilson Buthelezi
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usegxeke izigameko ezishaqisayo zakamuva zokusocongwa kwabesifazane abahlanu ezigamekweni ezahlukene eGreytown naseDannhauser, nenduna yesizwe sakwaButhelezi, oLundi.
Ngokwesitatimende soMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, esithunyelelwe abezindaba kudutshulwe kwabulawa abesifazane abane okubikwa ukuthi bahlaselwe ngabantu abangaziwa besekhaya labo, eMatimatolo, eGreytown.
“Umndeni wakwaMpungose, eMatimatolo, ngaphansi koMasipala uMvoti, uhlaselwe usekhaya ngabantu abangaziwa,” kusho isitatimende, esingacacisanga ngamagama neminyaka yobudala yalaba besifazane ababulewe.
Lesi sigameko sokubulawa kwalaba besifazane abane eGreytown senzeka nje bekungakapholi maseko kubulawe iNkosi uNkk Jabulile Joyce Makgosi woMkhandlu waseMalangeni kaNkosi eDannhauser, ngoLwesihlanu.
Kusabatshazwa lokho kwaphinda kwabulawa induna yesizwe sakwaPhindangene, uMnuz Sibongiseni Wilson Buthelezi ngeSonto mhlaka 6 October 2024, obeyinduna ebisebenza ngaphansi koMkhandlu wakwaPhindangene (esizweni sakwaButhelezi) eMahlabathini, esifundeni iZululand.
UNgqongqoshe uButhelezi, ebabaza futhi egxeka lezi zigameko zakamuva, uthe kuyashaqisa ukuthi kungakapheli sikhathi esingakanani kusocongwe amalunga omndeni owodwa eHlokozi, eHighflats, sekwenzeka ezinye izigameko zokubulawa kwamanye amalungu omphakathi ngesihluku esifundazweni.
“Lolu dlame olubhekiswe ezinduneni luthanda ukuba insakavukela manje. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nasesizweni sakwaPhindangene ngokulahlekela yiNduna uButhelezi. Kubulawe induna yakwaButhelezi nje, besisababaza ukubulawa kweNduna uJabulile Makgosi, eDannhauser.
Konke lokhu kwenzeka ezindaweni zamakhosi. Amakhosi akulezi zindawo, iNkosi Mpendulo Cele eMatimatolo, neNkosi uMadoda Nkosi, yaseMalangeni, basigxekile lesi sigameko sokubulawa kwabesifazane.
Ukubulawa kwabesifazane-ke kona kubuhlungu kakhulu, futhi kungubuqaba, yingakho sinxusa abomthetho ukuba basebenze ngokukhulu ukuzimisela ukuze kubanjwe lezi zigilamkhuba ezenze le nto,” kusho uMfu Buthelezi, ophethe ngokunxusa amalunga omphakathi angaba nolwazi ngalezi zigameko zakamuka ukuza nolwazi, alume indlebe abomthetho.